Abafuni nebheyili kwelaseGlebelands
ABAPHENYI ecaleni lamadoda asolwa ngokuba ngongqondongqondo ekubulaweni kwabantu ehostela iGlebelands, eMlaza, bathi banobufakazi obunqala futhi basaba ukuthi azobaleka uma ethola ibheyili.
Izolo amadoda ayisikhombisa avele enkantolo yeMantshi yaseThekwini.
Icala lihlehliselwe u-Ephreli 10 ukuze abameli babamangalelwa baphendule okuvezwe umbuso.
Umshushisi u-Advocate Dorian Paver, ufunde isitatimende somphenyi wecala, u-Lt-Colonel Bhekumuzi Sikhakhane, osebenza ophikweni oluphenya amacala ahleliwe. USikhakhane nabanye bajutshwe yisifundazwe ukuphenya ngokubulawa kwabantu eGlebelands.
Baqale ukuphenya kusukela ngoJulayi 2017.
“Ngokophenyo esilwenzile sithole ukuthi kunamaqembu alwayo phakathi kwabahlala kuBlock R nabahlala kuBlock 52. Ofakazi bebesatshiswa emacaleni okubulawa kwabantu, nobekwenza besabe ukukhuluma. Sinobufakazi obuqinile nofakazi abaqanda ikhanda kulawa macala,” kusho uSikhakhane.
Indoda eyodwa yathi ayizoyidinga ibheyili.
U-Advocate Jimmy Howse, wakwa-Andile Dakela & Associates, umele oMnuz Khayelihle Mbuthuma (28), Wonderboy Hlophe (45), Bhekukwazi Mdweshu (37) noNcomekile Ntshangase (34).
UMnuz Mbuyiselwa Mkhize (30), Vukani Mcobothi (30) noMondli Mthethwa (29) bamelwe ngummeli wesihle, uMnuz Peter Mhlongo.
UMkhize noMcobothi bayazihlangula ecaleni. UMcobothi, onezingane ezintathu, uthe wayehlala ehostela phakathi kuka-2013 no-2016 kodwa wabuyela kubo KwaMachi.
UMkhize uthe naye unezingane ezimbili adinga ukuzondla.
USikhakhane uthe kuzoba nzima uma bethola ibheyili abasolwa.
“Abasolwa bayazi ukuthi babhekene namacala anzima, bazogwetshwa isikhathi eside uma amacala ebalahla. Kuzoba lula ukuba bangaphinde belibhade enkantolo. Lokho kuzosibuyisela emuva kakhulu,” kusho uSikhakhane.
Esitatimendeni sakhe kuvele ukuthi kunobufakazi bolibofuzo obuhlanganisa iphoyisa uMdweshu, eladubuleka, nokuhlasela eBlock R.
UMdweshu waya esibhedlela wafika wathi ubedunwa imoto.
Emsebenzini kuthiwa wafika nencwadi yokuhlala ekhaya inyanga, eyayiveza ukuthi wayekhishwa yisisu, ebuyisa futhi kubuhlungu umlenze.
UMthethwa kuvele ukuthi isibhamu atholwa naso sithinteka emacaleni amaningi okubulala ehostela.