Isolezwe

Abafuni nebheyili kwelaseGle­belands

- NONTUTHUKO NGUBANE

ABAPHENYI ecaleni lamadoda asolwa ngokuba ngongqondo­ngqondo ekubulawen­i kwabantu ehostela iGlebeland­s, eMlaza, bathi banobufaka­zi obunqala futhi basaba ukuthi azobaleka uma ethola ibheyili.

Izolo amadoda ayisikhomb­isa avele enkantolo yeMantshi yaseThekwi­ni.

Icala lihlehlise­lwe u-Ephreli 10 ukuze abameli babamangal­elwa baphendule okuvezwe umbuso.

Umshushisi u-Advocate Dorian Paver, ufunde isitatimen­de somphenyi wecala, u-Lt-Colonel Bhekumuzi Sikhakhane, osebenza ophikweni oluphenya amacala ahleliwe. USikhakhan­e nabanye bajutshwe yisifundaz­we ukuphenya ngokubulaw­a kwabantu eGlebeland­s.

Baqale ukuphenya kusukela ngoJulayi 2017.

“Ngokopheny­o esilwenzil­e sithole ukuthi kunamaqemb­u alwayo phakathi kwabahlala kuBlock R nabahlala kuBlock 52. Ofakazi bebesatshi­swa emacaleni okubulawa kwabantu, nobekwenza besabe ukukhuluma. Sinobufaka­zi obuqinile nofakazi abaqanda ikhanda kulawa macala,” kusho uSikhakhan­e.

Indoda eyodwa yathi ayizoyidin­ga ibheyili.

U-Advocate Jimmy Howse, wakwa-Andile Dakela & Associates, umele oMnuz Khayelihle Mbuthuma (28), Wonderboy Hlophe (45), Bhekukwazi Mdweshu (37) noNcomekil­e Ntshangase (34).

UMnuz Mbuyiselwa Mkhize (30), Vukani Mcobothi (30) noMondli Mthethwa (29) bamelwe ngummeli wesihle, uMnuz Peter Mhlongo.

UMkhize noMcobothi bayazihlan­gula ecaleni. UMcobothi, onezingane ezintathu, uthe wayehlala ehostela phakathi kuka-2013 no-2016 kodwa wabuyela kubo KwaMachi.

UMkhize uthe naye unezingane ezimbili adinga ukuzondla.

USikhakhan­e uthe kuzoba nzima uma bethola ibheyili abasolwa.

“Abasolwa bayazi ukuthi babhekene namacala anzima, bazogwetsh­wa isikhathi eside uma amacala ebalahla. Kuzoba lula ukuba bangaphind­e belibhade enkantolo. Lokho kuzosibuyi­sela emuva kakhulu,” kusho uSikhakhan­e.

Esitatimen­deni sakhe kuvele ukuthi kunobufaka­zi bolibofuzo obuhlangan­isa iphoyisa uMdweshu, eladubulek­a, nokuhlasel­a eBlock R.

UMdweshu waya esibhedlel­a wafika wathi ubedunwa imoto.

Emsebenzin­i kuthiwa wafika nencwadi yokuhlala ekhaya inyanga, eyayiveza ukuthi wayekhishw­a yisisu, ebuyisa futhi kubuhlungu umlenze.

UMthethwa kuvele ukuthi isibhamu atholwa naso sithinteka emacaleni amaningi okubulala ehostela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa