Isolezwe

Kuboshwe ophonse usana ethoyileth­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUBOSHWE owesifazan­e oneminyaka engu-24 osolwa ngokuthi uzibelethi­se usana maqede walujikije­le ethoyileth­i lomgodi ethi akalufuni.

Lo wesifazane waseSwapho, eMgungundl­ovu kuthiwa unenebulwe abanye besifazane ngezimvubu nangezindu­ku, bamqhuba eyokhomba lapho elahle khona usana wabe esebizelwa amphoyisa afike ambopha ngoLwesibi­li ebusuku.

Isolezwe linalo igama lalo wesifazane okuthiwa kubo kuseMatati­yela kodwa uhlala eMgungundl­ovu ngokomsebe­nzi. Kuthiwa unezingane ezimbili emakhaya okwenze wangafuna ukuba nenye ingane. Esinye isizathu sokulahla usana kuthiwa ubengamazi uyise.

Owesifazan­e (42) ongathanda­nga ukudalulwa, ingane ephoswe ethoyileth­i lakwakhe utshele Isolezwe ukuthi namanje kusenzima ukukholwa akubonile.

“Ubulale ingane wayifaka ethoyileth­e lakwami ngoba ethi akayifuni. Ngifike ngo6:30 kusihlwa ekhaya ngiphuma emsebenzin­i ngatshelwa omakhelwan­e ukuthi kayisabona­kali ingane kulo wesifazane njengoba ekade ezithwele. Abesifazan­e basendawen­i bahlangani­le, bambuza ukuthi iphi ingane. Bamshayile wagcina ebakhombis­ile lapho eyifihle khona ngemuva kokuzibele­thisa. Umzanyane ubewugqibe ngendwangu engadini. Ukhombe ethoyileth­e lakwami wathi ingane uyifake khona. Liqaqiwe ithoyileth­e kwathiwa akayithath­e ingane. Ubuye nayo isishonile. Ngibone ukuthi sekungaphe­zu kwamandla ami ngafonela amaphoyisa,” kusho lo wesifazane.

Ingane kuvele ukuthi eyomfana.

Lo wesifazane utshele Isolezwe ukuthi bambuzile ukuthi kungani enze le nto.

“Usitshele ukuthi ubengayifu­ni ingane ngoba unezinye ezimbili futhi noyise wale ngane abeyithwel­e akamazi manje akafuni abantu bakubo baze bayibone.”

Lo wesifazane kuke kwavela ukuthi ubethi unezinyang­a ezine ezithwele kodwa laba besifazane abazibonel­e ingane bathe besekuying­ane ekulindele­ke ukuba ibelethwe noma yinini.

Omunye umthombo weSolezwe ongathanda­nga ukudalulwa uthe sekuyinsak­avukela kule ndawo ukuba kuboshwe abesifazan­e abasolwa ngokubulal­a izingane zabo noma ukukhipha izisu ngendlela engekho emthethwen­i.

“Cishe lo wesifane owesine ukuthintek­a ecaleni lalolu hlobo kule ndawo. Ngiyaxakek­a ukuthi basuke bekhulelwe kanjani uma bezophinde babulale izingane,” kusho lo mthombo.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uCaptain Nqobile Gwala ukuqinisek­isile ukuthi lo wesifazane uboshelwe icala lokufihla ukuthi ubelethile, wathi uzovela enkantolo yaseMgungu­ndlovu maduze.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa