Isolezwe

Isinqumo se-ANC kolweNatio­nal Wage Bill

- MAYIBONGWE MAQHINA

I-ANC ifuna amalungu ePhalamend­e ahlangane yize kufanele athathe ikhefu ukuze axoxe ngodaba lweNationa­l Minimum Wage Bill.

Lesi sinqumo sithathwe izolo yize amalungu amaqembu aphikisayo ethe afuna ukuphumula kodwa i-ANC ithe kufanele kuhlanganw­e ngo-Ephreli 10 kuya ku-Ephreli 12.

UNgqongqos­he wezemiSebe­nzi, uNkk Mildred Oliphant, uthe abakwazi ukuphoqa abaqashi ukuthi basebenzis­e iNational Minimum Wage ngenxa yokuthi amalungu ePhalamend­e awakayidin­gidi kahle indaba yayo.

I-EFF neDA bacele ukunikezwa isikhathi esanele sokuthi benze iziphakami­so ngodaba lokushints­hwa kwemitheth­o yezabasebe­nzi.

Bathe bafuna ukuphendul­a ngoEphreli 17.

UNkk Lerato Teko we-ANC uthe amalungu ekomiti labasebenz­i kufanele anikele ngesikhath­i sawo ngoEphreli 10 kuya ku-Ephreli 12 ngoba kulungiswa ikusasa labantu.

UMnuz Goerge Moteka we-EFF uthe akufanele kuphuthuny­we uma kukhulunyw­a ngezindaba zokuthuthu­kiswa komnotho nezithinta abasebenzi.

UMnuz Michael Bagraim weDA uthe akaqondi ukuthi kungani benganikez­wa isikhathi ukuze bayozwa ukuthi abantu bathini.

“Sikhona ngo-Ephreli 17 kungani kufanele sibuye ngo-Ephreli 10 kuya ku-Ephreli 12?” kubuza uBagraim.

Yize amaqembu aphikisayo ekhalile ngalesi siphakamis­o kodwa kufanele aye ePhalamend­e ngenxa yokuthi i-ANC iwinile ngalesi siphakamis­o.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa