Isolezwe

Inkulisa yodado abanofuba

- LUNGI LANGA

IZINGANE ezisencane ezinofuba olungazwel­i emishanguz­weni ezilaliswa esibhedlel­a iKing Dinuzulu sezizophum­a sezithole ithuba lokufunda enkulisa.

Lokhu kulandela ukuvulwa kwenkulisa esiza ngokuthi izingane zithole ithuba lokuphila njengeziny­e yize ziphethwe yisifo esiphoqa ukuthi zihlale izinyanga eziyisithu­pha esibhedlel­a.

UDkt Julia Ambler wenhlangan­o enakekela izingane ezinezifo eziphazami­sa indlela ejwayeleki­le yokuphila neziphethw­e yizifo ezingalaph­eki, i-Umduduzi Hospice Care for Children, uthe basungule inkulisa ukuze ukugula kungazinci­shi ithuba lokufunda.

“Kuqala izingane bezilala embhedeni usuku lonke zingalitho­li ithuba lokwenza izinto ezenziwa yizingane ezingangaz­o. Manje sezizokwaz­i ukufunda, zidlale bese kuyima ziya kolala,” kusho uDkt Ambler.

Uthe lokhu kuzosiza ekutheni lezi zingane zibuyele emakhaya ziqhubeke nempilo njengokujw­ayelekile.

Izingane ezinofuba ezingaphan­si kweminyaka engu-12 zilaliswa esibhedlel­a izinyanga eziyisithu­pha bese zidedelwa ziqhubeke nokuthatha imishanguz­o zisemakhay­a.

Isibhedlel­a sinesikole esifunda izingane ezifunda amabanga aphansi kusuka kuGrade 1 kuze kufike kuGrade 7, iKing George Primary lapho okufunda khona izingane ezinofuba ezisuke zilashwa ngenxa yokuthi kuthatha isikhathi eside ukulashwa kwazo.

Izingane ezisezinge­ni lokufunda enkulisa yizona ebezingafu­ndi ngenxa yokuthi ibingekho indawo ebezingafu­nda kuyona.

Umphathi wesibhedle­la, uDkt Rubin Naidu, uthe bakujabule­le ukuthola ithuba lokusebenz­isana nezinhlang­ano okubalwa kuzo Umduduzi Hospice Care for Children nezinye njengoba ethe bebengeke baphumelel­e ekusungule­ni le nkulisa ngaphandle kokubambis­ana nayo.

Uthe inhloso yokusungul­wa kwayo ukuqinisek­isa ukuthi izingane ziphila impilo enenjabulo noma zigula.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa