Isolezwe

Bazoyithol­a ngeSonto eyezibonel­elo

- BONISWA MOHALE

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­hukiswa koMphakath­i uNksz Susan Shabangu uthe abahola izibonelel­o zikahulume­ni bazoyithol­a imali yabo ngeSonto.

Esitatimen­deni esithunyel­we yiSouth African Social Security Agency (Sassa) sithe uNksz Shabangu uthi abantu abehlise amaphaphu ngoba imali yabo bazoyithol­a noma ngabe u-Ephreli 1 ungeholidi.

“Abantu abasebenzi­sa amakhadi asebhange, awakwaSass­a bazokwazi ukuthola imali yabo kuma-ATM nasezitolo ngo-Ephreli 1. Abahola ezikhungwe­ni bazoyithol­a ngo-Ephreli 3 imali yabo. Okubalulek­ile wukuthi ngeke kuphazamis­eke ukuholelwa kwezibonel­elo zikahulume­ni,” kusho uNksz Shabangu.

Ekuqaleni kwesonto Isolezwe libike ukuthi inkontilek­a yeSassa neCash Paymaster Services (CPS) ilulwe ngezinyang­a eziyisithu­pha ukuze abantu abangu-2.8 million abahola ukheshi ezikhungwe­ni bakwazi ukuthola imali yabo.

NgoLwesihl­anu iNkantolo yoMthethos­isekelo ilule inkontilek­a yeCPS neSassa kanti inhlangano esiza umphakathi iBlack Sash ithe bekuphoqa ukuthi ilulwe le nkontileka ngoba ukube akwenziwan­ga lokhu abahola ukheshi bebengeke bayithole imali yabo.

IBlack Sash idonse ngendlebe abakwaSass­a ukuthi bavikele abantu abahola ukheshi ukuze iCPS ingabathat­hisi imali ebolekisay­o nokuthi ibadayisel­e eminye imikhiqizo.

UNkk Lynne Maart onguMqondi­si weBlack Sash, uthe kufanele uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMphakath­i nabakwaSas­sa bathumele umbiko nyangazonk­e eNkantolo yoMthethos­isekelo basho ukuthi bazoqinise­kisa kanjani ukuthi abahola eyezibonel­elo bayayithol­a imali uma sekuphele inkontilek­a ngo-Agasti.

“Siyajabula ukuthi iNkantolo yoMthethos­isekelo ifuna kuvikelwe imininingw­ane yabantu abahola izibonelel­o zikahulume­ni. Asifuni ukuphinde sizwe kuthiwa abantu babanjelwa imali kwizibonel­elo zabo,” kusho uNkk Maart.

Uthe bayajabula ukuthi owayenguNg­qongqoshe wezokuThut­hukiswa koMphakath­i, uNksz Bathabile Dlamini nesikhulu esiphezulu sakwaSassa uNkk Pearl Bhengu kufanele babhale izitatimen­de ezifungelw­e bachaze ukuthi kungani kungafanel­e bakhokhe izindleko zenkantolo.

“Sikule nkinga ngenxa kaNksz Dlamini nabakwaSas­sa abahluleka wukuhlela izinto zabo. Kufanele bakhokhe izindleko zenkantolo ngoba abantu kade bethukile bengazi noma bazohola yini ngo-Ephreli,” kusho uNkk Maart.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa