Isolezwe

Umlando wegqom’ uvezwa namuhla

- FANELESIBO­NGE BENGU

ABATHANDI begqom’ bazothola ithuba lokufunda kabanzi ngomsuka walo mculo kwiqophaml­ando (documentar­y) iGqom NationThe Documentar­y ezokhonjis­wa kuMTV Base (DStv 322) namuhla ngo-9.30 ebusuku.

Leli qophamland­o lizobe lishuthwa eThekwini nabaculi abasemathe­ni kulezi zinsuku ngenxa yokuthandw­a kwegqom’.

Phakathi kwabaculi nabadidiye­li abazobonak­ala bechaza ngalo mculo kubalwa iDistructi­on Boyz, DJ Sox, TDK Macassette, Dladla Mshunqisi, Rude Boyz nabanye.

“Abantu bazothola ngomlando wegqom’ ukuthi iqale kanjani. Abantu bayiqonde manje ukuthi wuhlobo lomculo olukade lwaba khona,” kusho uDJ Sox.

“Igqom’ yaqala ngesikhath­i kudume ingoma eyayaziwa ngeBin Laden. Seyishints­hile manje njengoba abantu sebeyibona. Uhlelo luzobabuyi­sela emuva baluqonde.”

Uthe okwenza igqom’ ibe sematheni manje wukuthi seyidlalwa emsakazwen­i futhi sekukhona nabantu abacula phezu kwezinsimb­i.

“Ngemuva kweWololo (kaBabes Wodumo) iqalile yadlala kwithelevi­shini nasemsakaz­weni ngoba kuqala beyiphelel­a ezindaweni zobumnandi kuphela.”

Uthe kulabo abacabanga ukuthi lo umculo uwumlilo wamaphepha, kumele bakhohlwe. Uthe lo mculo uyikusasa futhi usematheni manje, okuyinto esazoqhube­ka.

“Kade siyilanda emahontshi siyidlala. Ziningi kakhulu izintwana eziyenzayo mhlawumbe zingaphezu­lu kuka-400 eThekwini.

Azinendaba nokuthi abanye benzani kodwa zona zizenzela igqom’ zilinde ukuthi kuvele ithuba lazo. Uma uthi igqom’ izophela usholo ukuthi bonke laba bantu abashintsh­e isitayela nalabo abayithand­ayo, usho ukuthi kumele bafe?”

Uthe okuzokwenz­eka wukuthi izoshintsh­a ihambisane nesikhathi.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa