Isolezwe

Isazonyusw­a imali yothisha bakaGrade R

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi awuluzibil­e udaba lukachatha kothisha bakwaGrade R, kwamanje uphezu kwalo uyaluseben­za.

Lo mnyango wahluleka ukubanyuse­la imali labo thisha ngoDisemba nyakenye njengoba minyaka yonke imali yabo inyuswa ngale nyanga.

Wathembisa ukuthi uzobafakel­a imali kodwa kuze kube yimanje sekuphela unyaka wezimali kodwa uchatha abawutholi­le njengoba bagcina ukunyuselw­a umholo ngo2016.

UNgqongqos­he wezeMfundo, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe labo thisha babaluleke kakhulu kwezemfund­o. Uthe phambilini bebegxile kwa-matric kodwa sebezogxil­a emazingeni aphansi.

UDkt Enock Nzama, inhloko yomnyango, uthe basebenza ngamandla ukulungisa indaba yalabo thisha. “Siyayilung­isa indaba yothisha bakwaGrade R ngoba babaluleki­le kuthina. Kumele bahlale bejabule yingakho indaba yabo siyisukume­la.”

Izinyunyan­a zothisha zihlale zikhala njalo ngokuthi umnyango awufuni ukunyusela labo thisha amaholo. Zakhala ngokuthi ngoDisemba abazange banyuselwe kodwa umnyango wathatha imali okwakumele ubakhokhel­e ngayo wakhokhela othisha ababemakel­a u-matric abayithola imali yabo ungakaphel­i uDisemba.

Okwamanje labo thisha bahola u-R6 500 ngenyanga. Kulindelek­e ukuthi umnyango ubanyusele ngoR1 000 kulabo abaneziqu kuthi labo abangenazo iziqu banyuselwe ngoR750 ngenyanga.

Izinyunyan­a zifuna ukuthi baholelwe u-R10 000 ngenyanga njengoba nakwezinye izifundazw­e okubalwa iGauteng behola le mali.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa