Isazonyuswa imali yothisha bakaGrade R
UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal uthi awuluzibile udaba lukachatha kothisha bakwaGrade R, kwamanje uphezu kwalo uyalusebenza.
Lo mnyango wahluleka ukubanyusela imali labo thisha ngoDisemba nyakenye njengoba minyaka yonke imali yabo inyuswa ngale nyanga.
Wathembisa ukuthi uzobafakela imali kodwa kuze kube yimanje sekuphela unyaka wezimali kodwa uchatha abawutholile njengoba bagcina ukunyuselwa umholo ngo2016.
UNgqongqoshe wezeMfundo, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe labo thisha babaluleke kakhulu kwezemfundo. Uthe phambilini bebegxile kwa-matric kodwa sebezogxila emazingeni aphansi.
UDkt Enock Nzama, inhloko yomnyango, uthe basebenza ngamandla ukulungisa indaba yalabo thisha. “Siyayilungisa indaba yothisha bakwaGrade R ngoba babalulekile kuthina. Kumele bahlale bejabule yingakho indaba yabo siyisukumela.”
Izinyunyana zothisha zihlale zikhala njalo ngokuthi umnyango awufuni ukunyusela labo thisha amaholo. Zakhala ngokuthi ngoDisemba abazange banyuselwe kodwa umnyango wathatha imali okwakumele ubakhokhele ngayo wakhokhela othisha ababemakela u-matric abayithola imali yabo ungakapheli uDisemba.
Okwamanje labo thisha bahola u-R6 500 ngenyanga. Kulindeleke ukuthi umnyango ubanyusele ngoR1 000 kulabo abaneziqu kuthi labo abangenazo iziqu banyuselwe ngoR750 ngenyanga.
Izinyunyana zifuna ukuthi baholelwe u-R10 000 ngenyanga njengoba nakwezinye izifundazwe okubalwa iGauteng behola le mali.