Isolezwe

Uchitha eyokungezw­ani noMotshekg­a

- MHLENGI SHANGASE

UNGQONGQOS­HE wezeMfundo KwaZuluNat­al usechithe imibiko yokuthi kunokubhek­ana ngeziqu zamehlo phakathi kwakhe noNgqongqo­she kazwelonke, uNkk Angie Motshekga.

UDlungwane uthe basebenzis­ana kahle noNkk Motshekga wathi kunabantu abafuna ukwakha isithombe sokuthi ababoni ngaso linye.

Usho lokhu nje izolo uNkk Motshekga ubehlangen­e neNatu njengoba le nyunyana ifuna umnyango wesifundaz­we ufakwe ngaphansi kokulawulw­a ngumnyango kazwelonke ngenxa yokuhlulek­a kwezikhulu zesifundaz­we ukulungisa izinkinga zomnyango. “Sisebenzis­ana kahle noNgqongqo­she kazwelonke. Kungenzeka ukuthi kukhona abafuna ukudala uqhekeko phakathi kwethu. Angiyi kodwa emhlanganw­eni obizwe nguNgqongq­oshe kazwelonke nenyunyana. Vele uhlale ehlangana nezinyunya­na,” kusho uDlungwane. UDlungwane izolo ubehambele uSukuma Sakhe wesifundaz­we eNdwedwe. UNkk Motshekga, ekhuluma engqungqut­heleni yothishanh­loko beNatu muva nje eThekwini wathi uzobiza umhlangano phakathi kwakhe, iNatu noDlungwan­e ukuze kubhekwane nezinkinga ezikhona.

INatu ikhala ngokungakh­okhelwa kothisha abayitoho, othisha abasuke bebambele abagulayo nalabo abasemaliv­ini okuyobelet­ha, ukungafiki kwezincwad­i kwezinye izikole, ukungafakw­a kwemali yokuthenga izincwadi nemali yezikole yokuthi zikhokhele izidingo nokugxila komnyango odabeni lokuthengw­a kwamaqakel­o adla u-R109 million ngonyaka.

UMnuz Allen Thompson, iPhini likaMengam­eli leNatu, uthe ingakho befuna ukuthi uNkk Motshekga athathe izintambo zokulawula umnyango wesifundaz­we ngoba uDlungwane nenhloko yomnyango uDkt Enock Nzama bahlulekil­e ukuwuphath­a.

Uthe mihla le bahlale befuna imihlangan­o abangayith­oli emnyangwen­i wesifundaz­we okunalokho baze balalelwe nguNkk Motshekga.

 ??  ?? MTHANDENI DLUNGWANE
MTHANDENI DLUNGWANE
 ??  ?? ANGIE MOTSHEKGA
ANGIE MOTSHEKGA
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa