Isolezwe

Izwe lamalungel­o nezibhicon­go

- MLUNGISI GUMEDE

NJENGOBA kusongwa inyanga yamalungel­o abantu, kugujwa neqhaza likaDkt Nelson Mandela owaba ngumengame­li wokuqala omnyama noNkk Albertina Sisulu abanikela ngempilo yabo belwela inkululeko yezwe, kuyishwa ukuthi indlu emnyama isahlukuny­ezwa yize ithi seyikhulul­ekile.

Ezinye zezibonelo ezikhombis­a ukuthi abomdabu abakakhulu­leki kwelengaba­di, ukuhlukuny­ezwa kwabo emapulazin­i, bebulawa ngabamhlop­he banqatshel­we nomngcwaba kuwo.

Ngaphandle kokuhlukun­yezwa kwendlu emnyama emapulazin­i, omama abamnyama abasebenza emakhishin­i nabo bayahlukun­yezwa abanye, balunyiswe ngezinja obasi babo.

UMandela nezinye izingqalab­utho uMnuz Robert Mangaliso Sobukwe owayengume­ngameli wokuqala wePAC owahola umkhankaso wokulwa nokuphathw­a kwamapasi ngo-1960, okwaholela esibhicong­weni saseSharpv­ille naseNyanga eCape Town, bangavuka emathuneni uma bebona indlela abamnyama abasahluku­nyezwa ngayo.

Kulo nyaka bekuhlanga­na iminyaka engu-58, kwaba nesibhicon­go saseSharpv­ille lapho kwabhubha khona abangu 69, abangaphez­u kuka-200 balimala bedutshulw­a ngamaphoyi­sa.

Isigameko saseSharpv­ille senzeka ngoMashi 21, sadala ukuthi lolu suku lube yiholidi elisemthet­hweni kuthiwe uMashi yinyanga yamalungel­o.

Okhulumela iPAC kuzwelonke uMnuz Kenneth Mokgatlhe uthe uma lolu suku lubizwa ngolwamalu­ngelo lokho kwenza ukuthi lulahle umyalezo.

“Sifuna abantu bangakhohl­wa ngalesi sigameko saseSharpv­ille, bangatshel­wa ngamalunge­lo okumanje asacindeze­lwe,” kusho uMokgatlhe.

Uthe baneme ngokuthi uhulumeni we-ANC manje usuyabathi­nta uma uhlela imigubho yaseSharpv­ille. UMokgatlhe uthe leli alikakhulu­leki, wengeza ngokuthi liyokhulul­eka mhlazane kwabuyisel­wa umhlaba kubanikazi bawo.

Ngemuva kweminyaka engu 18 izwe lakhululek­a ngo-2012, kube nesigameko esenzeke eMarikana esifuze ezenzeka ngezikhath­i zobandlulu­lo ngesikhath­i amaphoyisa eSAPS ethela othulwini ngenhlamvu abavukuzi abangu-34.

Esigamekwe­ni saseMarika kukhonjwa ngenjumban­e uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa okuthiwa nguyena owakhipha umyalelo wokuthi amaphoyisa akube khona akwenzayo ukunqanda udlame olwaluqhub­eka eMarikana.

Imindeni eyashonelw­a yizihlobo eMarikana izonxeshez­elwa.

Esinye isibhicong­o sababeseLi­fe Esidimeni lapho kwashona abantu abangaphez­u kuka-140 abagula ngengqondo. Kusona kusolwa ubudedengu beziphathi­mandla zoMnyango wezeMpilo eGoli.

Imindeni eshonelwe khona izonxeshez­elwa kodwa imali ayiwubuyis­i umphefumul­o. Ungoti wamalungel­o abantu, uSolwazi Karthy Govender wase-UKZN uthe ucwaningo luveza ukuthi iningi labantu alazi ngamalunge­lo alo.

“Ucwaningo luveza ukuthi abantu abazi ngoMthetho­sisekelo wezwe nangamalun­gelo abo yingakho kunesiding­o sokuthi bafundiswe ngayo futhi kuqalwe ezikoleni,” kusho uGovender.

“Kuningi izwe elikuzuzil­e njengoba sekuphilwa ngaphansi kwentando yeningi uma kuqhathani­swa nangesikha­thi sobandlulu­lo,” kusho uGovender.

 ??  ?? UDKT NELSON MANDELA
UDKT NELSON MANDELA
 ??  ?? UMNUZ ROBERT SOBUKWE
UMNUZ ROBERT SOBUKWE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa