Isolezwe

Isandla somthetho asiqine njalo hhayi uma kumatasa kuphela

-

KUSASA kuqala impelasont­o yaPhasika futhi nezikole zivaliwe izolo. Lesi sikhathi ngesinye sezikhathi eziphithiz­elayo eNingizimu Afrika ngoba abaningi basuke beya ezinkonzwe­ni, abanye bayagoduka kuthi abanye bazikhiphe bayoshaywa wumoya ngoba abaningi basuke behlabe ikhefu.

Lezi zindlela zidala isinyokoth­o emigwaqwen­i yakuleli ikakhuluka­zi lena emikhulu ehlanganis­a iGauteng neKwaZulu-Natal kanjalo neGauteng neLimpopo kusukela namhlanje kuze kube nguMsombul­uko.

Yize lesi kuyisikhat­hi sokuyodumi­sa nokujabula kwabanye kodwa futhi yisikhathi esiletha usizi kweminye imindeni ngenxa yesibalo esiphezulu sezingozi zomgwaqo ezibakhona ngalesi sikhathi.

Okubi kakhulu ngalezi zingozi ukuthi kunokuthi zinciphe unyaka nonyaka ziyanda futhi nesibalo sabantu abashonayo siyakhula.

Ngonyaka odlule kwashona abantu abangu-235 ezingozini zomgwaqo ngempelaso­nto yePhasika. Lesi sibalo sanyuka ngo-51% uma kuqhathani­swa nesibalo sabantu abangu-156 abashona ngo-2016.

Ngale kwabantu abashona, ngonyaka odlule amaphoyisa abamba abashayeli abangu-1 730 ngoba beqe isivinini esivumelek­ile; abangu-354 bahlawulis­elwa ukulayisha ngokweqile; abangu-843 babeshayel­a ngaphandle kwezincwad­i zokushayel­a kwathi abangu-380 babengenaz­o izimvume zokuthutha umphakathi.

Lezi zibalo ziyakhombi­sa ukuthi yinkulu inkinga emigwaqwen­i yakuleli ngePhasika futhi kudinga ukuthi kuthathwe izinyathel­o ezinqala ukuze kushintshe lokhu.

Lezi zingozi zenzeka yize amaphoyisa esuke ethe chithi saka. Abashayeli bayaqhubek­a beqise isivinini, bashayele bephuzile, bashayele ngaphandle kwezincwad­i, bakhulume nocingo beshayela, balayishe ngokweqile yize besuke bazi ukuthi amaphoyisa aphume zonke izinkalo.

Lokhu kwenziwa ukuthi inkinga enkulu ngendaba yezingozi eNingizimu Afrika akusiso isiminyami­nya, izingozi eziningi zibangwa yikho ukungahlon­ishwa komthetho nanokuthi amaphoyisa aqinisa isandla uma kuyizinsuk­u zebhizi njengalo iPhasika.

Isandla kumele siqine zonke izinsuku kubantu abaphula umthetho emigwaqwen­i ngale kwalokho siyohlale sikhala njalo emva kwezimpela­sonto ezifana nePhasika.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa