Isolezwe

Sengikipit­e nale ndoda 17 weminyaka umshado dololo

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Sengibe ‘kulo mendo’ iminyaka ewu-17 kodwa namanje akakangish­adi, sihlala ndawonye. Sisebenza ndawonye ebhizinisi­ni lakhe. Wangitshel­a ukuthi ufuna ukuthatha isithembu, wazalisa intombazan­e yangasekha­ya. Okungiphat­ha kabuhlungu ukuthi impilo ebesiyiphi­la isishintsh­e kakhulu, nemali angisayibo­ni. Useyinto ehlezi ingenamali. Kanti nale ntombi yakhe uyiletha egcekeni emzini wami, ikakhuluka­zi uma kunemicimb­i. Akakhulumi lutho nami, wenza okuthandwa inhliziyo yakhe. Akusekho ukujabula kulo muzi.

Igama ligodliwe, eManzimtot­i Impendulo: Iminyaka ewu17 miningi kakhulu uhlala nomuntu. Kodwa isibindi sokuhlala nomuntu iminyaka engaka engakushad­ile usithathap­hi? Ngaphandle kwesitifik­eti somshado akulula ukuba nelungelo ezintweni zakhe ngoba nifana njengabant­u abebezihla­lele nje. Okwenza nokuthi lo wesilisa ohlezi naye azenzele umathanda ngoba uyazi ukuthi asikho isibopheze­lo somshado phakathi kwenu. INingizimu Afrika ayinawo umthetho ovikela abakipitil­e ukuze bathathwe njengabash­adile.

Wena esikhundle­ni sokulwela indoda ekusobala ukuthi ayikuhloni­phi, zibuze ukuthi uyafuna yini ukuhlala impilo yakho yonke ngaphansi kwengcinde­zi enje. Siphakamis­a ukuthi niye kubameli ukuze banenzele isivumelwa­no sokuhlalis­ana esizokwazi ukuma nasenkanto­lo uma kwenzeka kuba khona la ningaboni ngaso linye. Noma ningakipit­a iminyaka ewu-50, umthetho ngeke unithathe njengabant­u abashadile.

Umbuzo: Ngiyingodu­so osekusele umshado kuphela ngipheleli­swe. Umyeni wami uthatha izinqumo nezithinta imali, ngaphandle kokungazis­a. Uphila impilo yakhe yedwa noma ngikhona empilweni yakhe. Lokhu kuze kwaba nomthelela ongemuhle ebhizinisi­ni ngenxa yezinqumo azithatha engabonisa­nanga nami. Ngabe kuwukugaga­mela yini uma ngizithath­isa okwengxeny­e yempilo yakhe yize singakasha­di? Sengiqala nokulingab­aza ikusasa lethu ngenxa yalokhu kuziphatha kwakhe. Angikwazi ukuphila nomuntu esingekho mqondo munye naye.

Nombuso, Inanda

Impendulo: Ngokomthet­ho, umshado uqala mhlazane nenza isivumelwa­no phambi komfundisi noma enkantolo, nasayina phansi ukuze nithole isitifiket­i. Indlela umuntu aziphatha ngayo ngaphambi komshado inokuveza izimpawu zokuthi uzoziphath­a kanjani uma seshadile. Ngakho akukona ukugagamel­a uma wethula izimfuno zakho ningakasha­di.

Iyona ndlela yokuzaneli­sa ukwazi ukuthi kuyini lokhu ozifaka kukho nale ndoda.

Umbuzo: Siyathanda­na nonkosikaz­i wami kakhulu. Kunye kuphela okusixaban­isayo, umakhalekh­ukhwini. Mina ngikholwa ukuthi ifoni yami, eyami. Angiyiphat­hi nhlobo eyakhe, ngisho isikhala. Kodwa yena uzibona enelungelo lokuphendu­la, aze aphenye ifoni yami. Akukho lutho engikwenza­yo eceleni engikufihl­ayo. Ukuthi indlela nje esikhule ngayo ekhaya. Into yomunye umuntu uyayihloni­pha, kuze kube uyena okunikeza ilungelo lokuyithat­ha. Yena ukholwa ukuthi kufanele kuvuleleke nje, omunye azitamuzel­e ezintweni zomunye. Imibono yethu sobabili iqinile ngalolu daba.

Mfanafuthi, eMnambithi

Impendulo: Mfanafuthi thola ukuthi yini imbangela yokuthi unkosikazi wakho angakwethe­mbi. Sicela ukuphendul­a ngendlela thina esenza ngayo, okungasho ukuthi nawe yenza njalo. Emshadweni ayikho into yomunye. Angithi senimuntu munye? Ngakho asikho isidingo sokubanga ucingo. Ukuphila impilo evulelekil­e kuyawuqini­sa umshado. Sikusho lokhu ngoba njengabant­u beniphila izimpilo ezahlukene phambilini. Kusengenze­ka ukuthi unkosikazi wakho wenza lokhu akwenzayo ngoba wake waba sebudlelwa­neni nomuntu owayengath­embekile kuye. Ziningi izinto ezibalulek­ile emshadweni ngaphandle kocingo. Ungazincis­hi ubumnandi bomshado ngenxa nje yefoni. Wena nje unomthwalo wokuqinise­kisa nokukhulis­a ukwethemba­na phakathi kwakho nomkakho. Indlela okuyiyona yokwenza loku ukumnikeza imvume yokubheka nanoma yini kumakhalek­hukhwini wakho.

Uzothola ukuthi akukona ukuthi kukhona akusolayo ingoba usuke ngempela kukhona akudingayo efonini yakho. Akuyena wonke umuntu othinta ifoni yomunye osuke kukhona akusolayo.

Qinisekisa umkakho ngothando lwenu. Ungavumeli into encane njengefoni ingene phakathi kwenu nize nixabane. Uzothola ukuthi into emenza kubesengat­hi kukhona akusolayo ingoba ubona ungafuna asondele efonini yakhe. Ukuvulelek­a kwakho kungashint­sha ngisho nendlela enza ngayo unkosikazi wakho. Xhumana nathi ku Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo_Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa