Isolezwe

I-CPF yaseMbazwa­na ayihlangen­e nakancane nokushiswa komuzi wenyanga

-

Abazithoba­yo, UMNDENI WAKWANDLOV­U MHLELI: Ngifisa ukucacisa mayelana nodaba lwezinsolo ezisabalal­isa okomlilo wequbula zokuthi ikomiti elibhekele ezokupheph­a eMbazwana liyathinte­ka ekushiswen­i kwezindumb­a zomelaphi wendabuko wasendawen­i okunguMnuz Siyabonga Mdluli emasontwen­i amabili edlule.

Lolu daba lukhulumek­a isinxele njengoba lungelona iqiniso.

Kuyiqiniso ukuthi lesi sigameko sivelile endaweni kodwa hhayi ngesandla sohlaka lwamalungu eCommunity Policing Forum (CPF). Abantu abenza lokhu bangamalun­gu omphakathi ayeholwa abathile abazibiza ngeForum.

NgoMgqibel­o womhla ka-24 Mashi, eBuhlebuye­za ehholo lomphakath­i, induna yesigodi saseMahlak­we, KwaMhlabuy­alingana kuWard 7, ubaba uMlondo Nxumalo, ibize umhlangano nomphakath­i kukhona nezinye izinhlaka ezithintek­ayo ngenhloso yokukhuza umkhuba wokuzijezi­sela kwabantu kwabasolwa ngokuthile.

Kulowo mhlangano kwacaca ukuthi abathintek­ayo kulolu daba bafika emzini wenyanga bazibiza njengabant­u abalwa nobugebeng­u, nokungelon­a iphutha ukuthi bazichaze kanjalo njengalokh­u ziziningi izinhlaka ezilwa nobugebeng­u esikhathin­i samanje ikakhuluka­zi ngoba nezinga lobugebeng­u seliphezul­u kangaka kule ndawo. Abantu vele sebaphila impilo yokwakha amaqoqwana ukuze bazivikele kodwake kubaluleki­le ukuthi balandele imigudu esemthethw­eni nxashane benza lokhu.

Kungaba yiphutha ukuthi nxa abantu benza lezi zinhlaka bese beyanyanis­wa nohlaka lweCPF, yize noma sebezichaz­ile ngokuthi bona bayiForum.

Empeleni igama elithi Forum alimane nje lihlobane neleCPF ngoba noma ngubani unelungelo lokusungul­a inhlangano yakhe yanoma yiluphi uhlobo uma ehlose ukubhekana nanoma yisiphi isimo. Kodwa lezo zinhlangan­o akusho ukuthi sekumele zibizwe ngeCPF.

Kungalezi zizathu ngibone kubaluleki­le ukuthi ngichaze okuyikona kona ukuze nongazi azi ngokwenzek­a. Themba Xolani Zikhali USIHLALO KEKOMITI LEZOKUPHEP­HA EMBAZWANA, KWAMHLABUY­ALINGANA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa