Osomabhizinisi abadedele abanye
KUGQUGQUZELWE osomabhizinisi ukuthi bahlele ngaphambi kokuya eholidini ngoba kuningi okwenzekayo ngesikhathi bengekho.
UMnuz David Morobe weBusiness Partners Limited uthe osomabhizinisi kufanele bashaywe wumoya kodwa kufanele baqinisekise ukuthi amabhizinisi abo awawi ngesikhathi beyophumula.
“Wonke umuntu uyakudinga ukuphumula ngakho uma osomabhizinisi kufanele baye eholidini mabalithathe kodwa baqinisekise ukuthi alivalwa ibhizinisi ngokushiya umuntu abamthembayo, ukuthi aqhubeke nomsebenzi. Akufanele inkampani ivalwe uma kungekho umphathi kuze kungabi khona nomuntu osayinela ukuthengwa kwezidingo kodwa kufanele kube nabasebenzi abazokwenza isiqiniseko sokuthi yonke into iqhubeka njengokujwayelekile,” kusho uMorobe.
Udonse ngendlebe osomabhizinisi abancane ukuthi bazinike isikhathi sokuphumula ngoba ngesikhathi besaqala ibhizinisi basebenza ngokuzikhandla kodwa uma yonke into isihamba kahle kufanele baphumule ukuze babuye namasu amasha okukhulisa ibhizinisi.
“Osomabhizinisi abancane abazikhiphi eminyakeni emibili yokuqala ibhizinisi, abanye abafuni ngisho ukuya emaholidini noma bebona ukuthi izinto zihamba kahle. Kufanele bazifundise ukuphumula banikeze abasebenzi babo ithuba lokuphatha. Kufanele babaqeqeshe ngaphambi kokuthi babanikeze lo msebenzi omkhulu,” kusho uMorobe.
Uthe ukuqeqeshwa kwabasebenzi kubalulekile ngoba kuyasiza ukuthi inkampani ingavalwa uma umnikazi wayo engekho.
“Osomabhizinisi abancane yibona abadala amathuba omsebenzi amaningi ngakho kufanele baqeqeshe abasebenzi babo ukuze kungaphazamiseki umsebenzi uma kugula, umnikazi wenkampani noma eseholidini. Kubalulekile ukuthi ashaywe wumoya abone nokuthi izinto zenziwa kanjani kwezinye izindawo ukuze abuye namasu azokhulisa inkampani avule namanye amathuba omsebenzi,” kusho uMorobe.
Uphethe ngokuthi kubalulekile ukuthi kuqeqeshwe abasebenzi ngenxa yokuthi ucwaningo lwabo luveza ukuthi u-77% wezinkampani awukwazi ukuthola abasebenzi abanamakhono eziwadingayo.
“Ukungabikho kwamakhono adingekayo ezweni kuthiwa kungenxa yemfundo yethu engabaqeqeshi abafundi ngokwamakhono adingeka ukukhulisa umnotho. Osomabhizinisi yibona okufanele baqeqeshe abasebenzi babo ukuze babe namakhono adingekayo ukukhulisa izinkampani zabo nomnotho wezwe,” kusho uMorobe.