Izwe lamalungelo nezibhicongo
NJENGOBA kusongwa inyanga yamalungelo abantu, kugujwa neqhaza likaDkt Nelson Mandela owaba ngumengameli wokuqala omnyama noNkk Albertina Sisulu abanikela ngempilo yabo belwela inkululeko yezwe, kuyishwa ukuthi indlu emnyama isahlukunyezwa yize ithi seyikhululekile.
Ezinye zezibonelo ezikhombisa ukuthi abomdabu abakakhululeki kwelengabadi, ukuhlukunyezwa kwabo emapulazini, bebulawa ngabamhlophe banqatshelwe nomngcwaba kuwo.
Ngaphandle kokuhlukunyezwa kwendlu emnyama emapulazini, omama abamnyama abasebenza emakhishini nabo bayahlukunyezwa abanye, balunyiswe ngezinja obasi babo.
UMandela nezinye izingqalabutho uMnuz Robert Mangaliso Sobukwe owayengumengameli wokuqala wePAC owahola umkhankaso wokulwa nokuphathwa kwamapasi ngo-1960, okwaholela esibhicongweni saseSharpville naseNyanga eCape Town, bangavuka emathuneni uma bebona indlela abamnyama abasahlukunyezwa ngayo.
Kulo nyaka bekuhlangana iminyaka engu-58, kwaba nesibhicongo saseSharpville lapho kwabhubha khona abangu 69, abangaphezu kuka-200 balimala bedutshulwa ngamaphoyisa.
Isigameko saseSharpville senzeka ngoMashi 21, sadala ukuthi lolu suku lube yiholidi elisemthethweni kuthiwe uMashi yinyanga yamalungelo.
Okhulumela iPAC kuzwelonke uMnuz Kenneth Mokgatlhe uthe uma lolu suku lubizwa ngolwamalungelo lokho kwenza ukuthi lulahle umyalezo.
“Sifuna abantu bangakhohlwa ngalesi sigameko saseSharpville, bangatshelwa ngamalungelo okumanje asacindezelwe,” kusho uMokgatlhe.
Uthe baneme ngokuthi uhulumeni we-ANC manje usuyabathinta uma uhlela imigubho yaseSharpville. UMokgatlhe uthe leli alikakhululeki, wengeza ngokuthi liyokhululeka mhlazane kwabuyiselwa umhlaba kubanikazi bawo.
Ngemuva kweminyaka engu 18 izwe lakhululeka ngo-2012, kube nesigameko esenzeke eMarikana esifuze ezenzeka ngezikhathi zobandlululo ngesikhathi amaphoyisa eSAPS ethela othulwini ngenhlamvu abavukuzi abangu-34.
Esigamekweni saseMarika kukhonjwa ngenjumbane uMengameli wezwe uMnuz Cyril Ramaphosa okuthiwa nguyena owakhipha umyalelo wokuthi amaphoyisa akube khona akwenzayo ukunqanda udlame olwaluqhubeka eMarikana.
Imindeni eyashonelwa yizihlobo eMarikana izonxeshezelwa.
Esinye isibhicongo sababeseLife Esidimeni lapho kwashona abantu abangaphezu kuka-140 abagula ngengqondo. Kusona kusolwa ubudedengu beziphathimandla zoMnyango wezeMpilo eGoli.
Imindeni eshonelwe khona izonxeshezelwa kodwa imali ayiwubuyisi umphefumulo. Ungoti wamalungelo abantu, uSolwazi Karthy Govender wase-UKZN uthe ucwaningo luveza ukuthi iningi labantu alazi ngamalungelo alo.
“Ucwaningo luveza ukuthi abantu abazi ngoMthethosisekelo wezwe nangamalungelo abo yingakho kunesidingo sokuthi bafundiswe ngayo futhi kuqalwe ezikoleni,” kusho uGovender.
“Kuningi izwe elikuzuzile njengoba sekuphilwa ngaphansi kwentando yeningi uma kuqhathaniswa nangesikhathi sobandlululo,” kusho uGovender.