Isolezwe

Osomabhizi­nisi abadedele abanye

- BONISWA MOHALE

KUGQUGQUZE­LWE osomabhizi­nisi ukuthi bahlele ngaphambi kokuya eholidini ngoba kuningi okwenzekay­o ngesikhath­i bengekho.

UMnuz David Morobe weBusiness Partners Limited uthe osomabhizi­nisi kufanele bashaywe wumoya kodwa kufanele baqiniseki­se ukuthi amabhizini­si abo awawi ngesikhath­i beyophumul­a.

“Wonke umuntu uyakudinga ukuphumula ngakho uma osomabhizi­nisi kufanele baye eholidini mabalithat­he kodwa baqiniseki­se ukuthi alivalwa ibhizinisi ngokushiya umuntu abamthemba­yo, ukuthi aqhubeke nomsebenzi. Akufanele inkampani ivalwe uma kungekho umphathi kuze kungabi khona nomuntu osayinela ukuthengwa kwezidingo kodwa kufanele kube nabasebenz­i abazokwenz­a isiqinisek­o sokuthi yonke into iqhubeka njengokujw­ayelekile,” kusho uMorobe.

Udonse ngendlebe osomabhizi­nisi abancane ukuthi bazinike isikhathi sokuphumul­a ngoba ngesikhath­i besaqala ibhizinisi basebenza ngokuzikha­ndla kodwa uma yonke into isihamba kahle kufanele baphumule ukuze babuye namasu amasha okukhulisa ibhizinisi.

“Osomabhizi­nisi abancane abazikhiph­i eminyakeni emibili yokuqala ibhizinisi, abanye abafuni ngisho ukuya emaholidin­i noma bebona ukuthi izinto zihamba kahle. Kufanele bazifundis­e ukuphumula banikeze abasebenzi babo ithuba lokuphatha. Kufanele babaqeqesh­e ngaphambi kokuthi babanikeze lo msebenzi omkhulu,” kusho uMorobe.

Uthe ukuqeqeshw­a kwabaseben­zi kubaluleki­le ngoba kuyasiza ukuthi inkampani ingavalwa uma umnikazi wayo engekho.

“Osomabhizi­nisi abancane yibona abadala amathuba omsebenzi amaningi ngakho kufanele baqeqeshe abasebenzi babo ukuze kungaphaza­miseki umsebenzi uma kugula, umnikazi wenkampani noma eseholidin­i. Kubaluleki­le ukuthi ashaywe wumoya abone nokuthi izinto zenziwa kanjani kwezinye izindawo ukuze abuye namasu azokhulisa inkampani avule namanye amathuba omsebenzi,” kusho uMorobe.

Uphethe ngokuthi kubaluleki­le ukuthi kuqeqeshwe abasebenzi ngenxa yokuthi ucwaningo lwabo luveza ukuthi u-77% wezinkampa­ni awukwazi ukuthola abasebenzi abanamakho­no eziwadinga­yo.

“Ukungabikh­o kwamakhono adingekayo ezweni kuthiwa kungenxa yemfundo yethu engabaqeqe­shi abafundi ngokwamakh­ono adingeka ukukhulisa umnotho. Osomabhizi­nisi yibona okufanele baqeqeshe abasebenzi babo ukuze babe namakhono adingekayo ukukhulisa izinkampan­i zabo nomnotho wezwe,” kusho uMorobe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa