Isolezwe

Akusenamic­ikilisho uma ufuna ukuba nesikwelet­u

- BONISWA MOHALE

ABANTU sebezokwel­etelwa noma bengaseben­zi futhi bengenawo ama-akhawunti asebhange.

Lezi zindaba ziphume ngesonto eledlule emuva kokuthi izitolo ezinkulu okubalwa kuzo uTruworths, Foschini noMr Price zikhale ngokuthi abantu abaningi bagcina bengakwazi ukuthola isikweletu yize bekwazi ukusikhokh­ela ngenxa yokuthi abanawo amaakhawun­ti asebhange futhi abaqashiwe.

Lezi zitolo zithe kunabantu abadayisa emgwaqweni abangakwaz­i ukuthola isikweletu ngenxa yokuthi abanawo ama-akhawunti asebhange ne-payslip.

Ngesonto elidlule uJaji Keith Engers wenkantolo yaseWester­n Cape unqume ukuthi abantu mabanikwe isikweletu noma bengaseben­zi ndawo, inqobo nje uma abezitolo bekwazi ukubona ukuthi abantu bazokwazi ukuzikhokh­ela izikweletu zabo.

Njengoba kuphume lesi sinqumo abasiza abacwile ezikweleti­ni bathe siyakhatha­za ngoba kusho ukuthi baningi abantu abazocwila ezikweleti­ni ngenxa yokuthi akusadinge­ki ukuthi beze nezincwadi zasebhange nama-payslips.

UMnuz Neil Roets wenkampani iDebt Rescue, uthe isinqumo senkantolo sizoba nomthelela omubi kubathengi ngenxa yokuthi bazokwelet­elwa ngaphandle kokubheka imicikilis­ho eminingi.

“Lesi sinqumo sizokwenza abantu bazitshele ukuthi kufanele bakwelete ngisho bengenawo amandla okukhokha. Lokhu kuzolwisan­a neNational Credit Act elwisana nokukwelet­elwa kwabantu ngendlela engekho semthethwe­ni. Izitolo zizofana nomashonis­a manje,” kusho uRoets.

Ubuzile ukuthi uma izitolo zingeke zisebenzis­e izitatimen­de zasebhange nama-payslips kuzokwenzi­wanjani.

“Angiqondi ukuthi zizobonwa kanjani izindleko zabantu uma kungezukub­hekwa umlando wabo wokukhokha. Uma ungenawo umlando womuntu wokukhokha kusho ukuthi uzomboleka imali kuhle kukamashon­isa,” kusho uRoets.

Unxuse abantu ukuthi bangalokot­hi bathathe amakhadi abavumela ukuthi bathenge ezitolo eziningi ngoba afana ncamashi nekhadi lokukwelet­a.

“Abantu akufanele bajabulele amakhadi okuthi abathole izikweletu ezitolo eziningi ngoba lokhu kufana ne-credit card. Isikweletu okufanele usithathe ngesomuzi noma esemoto hhayi ezincane,” kusho uRoets.

Imizamo yokuthola ukuphawula kweNationa­l Credit Regulator ayiphumele­langa njengoba ingayiphen­dulanga imibuzo ethunyelel­we yona nge-email.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa