Isolezwe

I-IEC ikhala ngokuntula imali

- MARY JANE MPHAHLELE

INHLANGANO eyengamele ukhetho eNingizimu Afrika i-Independen­t Electoral Commission of South Africa (IEC) ikhala ngokuswela imali yokuthuthu­kisa ubuchwephe­she besimanje ukuze ilungele ukhetho lwangonyak­a ozayo.

Umphathi we-IEC uMnuz Sy Mamabolo utshele amalungu ePhalamend­e ukuthi badinga ukuthuthuk­isa ezobuchwep­heshe ukuze balungele ukhetho lwangonyak­a ozayo.

“Imali esiyithola­yo ayanele ukuthi senze wonke umsebenzi wethu.

“Izinhlelo zobuchweph­eshe zixhaswe ngemali encane kanti sidinga ukuzilungi­sa ukuze ukhetho lwangonyak­a ozayo luhambe kahle,” kusho uMamabolo.

Uthe kufanele bathuthuki­se ubuchwephe­she ababuseben­zisa kumakhompy­utha abo, kuma-laptops nakukho konke CHURCH IN SOUTH AFRICA: abasebenza ngakho.

Uthe badinga ukuthenga amaZips-zips okuyimishi­ni abayiseben­zisayo ukubhalisa abavoti neminye imishini engu38 000 yokubhalis­a abavoti abasha.

Uthe babeke u-R976 million ukubhekele­la ukhetho lwangonyak­a ozayo.

Uveze ukuthi badinga u-R46 million ukuthenga imishini emisha nokuthuthu­kisa ezobuchwep­heshe.

Mayelana nohlelo lokubeka obala abaxhasi bamaqembu epolitiki uMamabolo uthe badinga u-R45 million ukulwenza kodwa banikezwe u-R20 million kuphela.

Uthe ukuphatha imali yamaqembu wumsebenzi omkhulu odinga babe nengqalasi­zinda esesimweni esifanele.

USotswebhu we-ANC ePhalamend­e, uMnuz Jackson Mthembu uthe kubaluleki­le ukuthi imali exhasa amaqembu epolitiki ilawulwe yi-IEC ukuze kucace ukuthi axhaswa ngabantu abanjani.

Uthe ukungabikh­ona kwemali eyanele yokuxhasa i-IEC kuzoba yinkinga.

 ??  ?? JACKSON MTHEMBU
JACKSON MTHEMBU
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa