IZINKONDLO
Iziyalo Zomntanami
Kwenzenjani lapho sizikhohlwa ukuthi singobani?
Kungani izifundiso zabazali bethu
Nomlando wethu kubaluleke kangaka?
Obani abanikela ngokuphila kwabo ngenxa yethu,
Futhi kungani lokhu kubalulekile? Thina njengama-Afrika, Siphila ezweni eliziqhayisa ngokuningi Okusha okuhlale kushintsha. Lezinto ziyasidida njengoba sifuna ukuba ngabantu besimanjemanje Futhi sibe yingxenye yekusasa, Ingozi ingukuthi njengoba sibheke phambili kuleli kusasa,
Sizokhohlwa nya izifundiso zomlando wethu.
Imvama lapho sizikhohlwa ukuthi singobani,
Siyaduka njengoba singazazi ukuthi siphumaphi nokuthi siyaphi.
Umlando wethu kanye nezwe lethu kuzosicija,
Kusisize ukuthi siqhubekele phambili Futhi sibumbe imvelaphi yethu. Uma nje singakhohlwa yilokhu, Sizoba umtapo wabezizwe. - Mazisi Kunene Hlabelelani Hlabelelani! Shayan’ ihlombe! Ukuqhakaza okusezibilini zenu kukhipheni! Akuphume kusabalale nomoya, Kubonwe zikhova nezinyendle, Kuhogelwe nayilanga ngaleya kwentaba,
Kumonyozelise inyanga nezinkanyezi,
Konke kuqhwebane kukhexe umlomo,
Kuqhunsul’ amehlo kucijis’ izindlebe:
“Ngabe kwenzenjani kwaMhlaba?” Qhubekani bo! Musani ukudebesa! Asizwe izinsimbi nemiqangala, Vulelani imishini egubhisayo! Vukani! Hlokomani zinyoni ngamaphimbophimbo! Hlaba umlozi manje Moya, Inhlokomo enosi ayiphafuze njalo, Iwusongasonge umhlaba, Ize isongasonge nemihlaba ecwazimulayo. - D.B.Z. Ntuli