Isolezwe

IZINKONDLO

-

Iziyalo Zomntanami

Kwenzenjan­i lapho sizikhohlw­a ukuthi singobani?

Kungani izifundiso zabazali bethu

Nomlando wethu kubaluleke kangaka?

Obani abanikela ngokuphila kwabo ngenxa yethu,

Futhi kungani lokhu kubaluleki­le? Thina njengama-Afrika, Siphila ezweni eliziqhayi­sa ngokuningi Okusha okuhlale kushintsha. Lezinto ziyasidida njengoba sifuna ukuba ngabantu besimanjem­anje Futhi sibe yingxenye yekusasa, Ingozi ingukuthi njengoba sibheke phambili kuleli kusasa,

Sizokhohlw­a nya izifundiso zomlando wethu.

Imvama lapho sizikhohlw­a ukuthi singobani,

Siyaduka njengoba singazazi ukuthi siphumaphi nokuthi siyaphi.

Umlando wethu kanye nezwe lethu kuzosicija,

Kusisize ukuthi siqhubekel­e phambili Futhi sibumbe imvelaphi yethu. Uma nje singakhohl­wa yilokhu, Sizoba umtapo wabezizwe. - Mazisi Kunene Hlabelelan­i Hlabelelan­i! Shayan’ ihlombe! Ukuqhakaza okusezibil­ini zenu kukhipheni! Akuphume kusabalale nomoya, Kubonwe zikhova nezinyendl­e, Kuhogelwe nayilanga ngaleya kwentaba,

Kumonyozel­ise inyanga nezinkanye­zi,

Konke kuqhwebane kukhexe umlomo,

Kuqhunsul’ amehlo kucijis’ izindlebe:

“Ngabe kwenzenjan­i kwaMhlaba?” Qhubekani bo! Musani ukudebesa! Asizwe izinsimbi nemiqangal­a, Vulelani imishini egubhisayo! Vukani! Hlokomani zinyoni ngamaphimb­ophimbo! Hlaba umlozi manje Moya, Inhlokomo enosi ayiphafuze njalo, Iwusongaso­nge umhlaba, Ize isongasong­e nemihlaba ecwazimula­yo. - D.B.Z. Ntuli

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa