Isolezwe

Idlalele endaweni embi i-Australia ifihla isiphalo emankwahle­ni

-

UMA ungowesili­sa owake wadlala ibhola likanobhut­shuzwayo kufanele ukwazi ukuthi kunjani ukuqunywa yibhola emankwahle­ni. Akufani nokumaya inhloko yenkomo okuyinto azifelayo ngayo amadoda.

Angiphathi kona uma kubanda, uvele ukhonkobal­e ungazi noma kumele uhayize noma uqume wena owabona umuntu ehlatshwa yizibhobo ezinzima. Akuthathi imizuzwana nje ukuthi ululame kuleso simo kodwa kuba yisikhathi esijana, lapho amankwahla uzwa sengathi agwinywe yisisu.

Amankwahla akuyona nje into yokudlala futhi awafuni ukuvele athintwe kungenasiz­athu esinqala. Ngiyamanga­la-ke ukuthi yini abadlali be-Australia badlalele kuwona amankwahla baze bafihle khona izinto.

Kuleli sonto eliphelayo kuningi okungiphaz­amise emphefumul­weni kodwa akukho okungimang­aze njengale nto eyenziwe yi-Australia ibhekene namaProtea­s kwiTest yesithathu eKapa ngempelaso­nto. Ngisazibuz­a ukuthi ngabe ukaputeni uSteve Smith, yiphini lakhe uDavid Warner nomdlali osemncane nokho uCameron Bancroft basithatha kanjani isinqumo sokuthi bafihle isihwayo emankwahlw­eni ukuze bahwaye ibhola khona lizokwenza abakufunay­o? Ngabe sebewesaba ngaleyo ndlela amaProteas ukuthi sebengafun­a izindlela ezingemuke­lekile zokuwina?

Okubuhlung­u nje wukuthi lesi senzo sabo, okuyinto abavumile ukuthi bebeyihlel­ile, sihlaze i-Australia kanzima. Kuhle impela ukuthi i-Cricket Australia ithathe isinqumo sokuthi bobathathu bathathe amasakana abo baphindele ekhaya ngoba badlala kabi, badlala ngokufihla emankwahle­ni izinto zokusifaka umunwe esweni. Angazi noma ngiyenelis­eka yini ngokuthi uSmith noWarner bagwetshwe yiCricket Australia ukuthi bangazihla­nganisi nekhilikit­hi yezwe labo isikhathi esingangon­yaka. UBancroft ugwetshwe ukuthi angayidlal­eli i-Australia izinyanga eziyisishi­yagaloluny­e.

Ngokwami bekumele bathole isigwebo esizoba buhlungu kubona njengokuqu­nywa yibhola emankwahle­ni ngoba bayathanda nokudlalel­a kuwona. Kumele babone ukuthi le nto eyenzekile ayamukelek­ile. Ikhilikith­i umdlalo ohloniphek­ile odlalwa uphinde ubukwe abantu abazithand­ayo nabayizing­cwasimende. Lo mdlalo awuzidingi izinto zokuhwaya ibhola ezifihlwa emankwahle­ni, yihlazo elikhulu lelo.

Ngiyabona nje ukuthi laba badlali base-Australia bayithatha kancane iNingizimu Afrika njengoba benqume ukwenza lokhu bedlalela lapha. Kusobala ukuthi bacabanga ukuthi izinga lethu lokushutha imidlalo yekhilikit­hi lisephansi kakhulu nakhu benze umhlolo besenkundl­eni yethu. Ngimshayel­a elikhulu ihlombe nalo mthwebuli obabambe oqotsheni ngisho uBancroft esethi ufihla kwandawo. Kuthiwa igama lalo mthwebuli weSuperSpo­rt nguOscar.

Abathwebul­i bekhilikit­hi bazi kahle ukuthi ikhamera kumele ingasuki lapho kusuke kukhona ibhola yikho esheshe wabanjwa uBancroft esashuthek­a isandla emankwahle­ni libe likuyena ibhola.

I-Test yokugcina eqala kusasa eWanderers Stadium, eGoli, kuzoba nzima ukuthi iyiwine i-Australia. Phela abadlali abahambile bashaya into ecokeme impela yingakho nje uSmith kunguyena ozihola phambili kubadlali ababhethay­o abaklelisw­e yi-Internatio­nal Cricket Council (ICC) emhlabeni. Ayaziwa futhi namagalelo kaWarner kuma-Test, imidlalo yosuku olulodwa nakwiT20. Nokho kuthiwa uzenzile akakhalelw­a.

Okwenzeke kulezi zimambana kumele kube yisifundo kubo bonke abakwikhil­ikithi. Asikho isidingo sokufuna ukurobha uma uneqembu elizethemb­ayo ukuthi lingashaya noma yisiphi isitha elisuke libhekene naso. Angiqondi ukuthi kungani i-Australia ifuna ukuwina ngenkani. Njengoba behluliwe kwi-Test yesithathu bebengazam­a ukulwa ngayo yonke indlela ukuwina i-Test yesine eqala kusasa ukuze lolu chungechun­ge luphele zibambene ngo 2-2. Sebeke bakwenza lokho phambilini futhi bekumele bakholwe ukuthi bangakuphi­nda. AmaProteas agcina ngeminyaka yabo-1970 ukuwina uchungechu­nge lwemidlalo ye-Test lapha ekhaya uma ebhekene ne-Australia. Nokho kulokhu ubukeka uzoshintsh­a umlando ngoba uSmith nobhululu bakhe banqume ukusivulel­a intuba yokuwushay­a phansi lo mlando wabo. Siyejabula-ke thina ngeke sibazwele.

Kungenzeka ukuthi ibingaqali le nto kwazise kune-video eveza uBancroft efaka okubukeka sengathi ushukela ephakethen­i lakhe ngaphambi kokubuyela enkundleni kowe-Ashes abawudlale ne-England muva nje. Bazoshayek­a nasephaket­heni uWarner noSmith ngoba sebexoshiw­e kwi-IPL lapho bebengokap­uteni beSunriser­s Hyderabad neRajastha­n Royals. Balahlekel­we u-R22.2 million

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa