Isolezwe

Ngiyazigxe­ka kwesinye isikhathi – Vilakazi

- ZAKHELE XABA

UZIGXEKA yena ngokumpits­heka kweqembu esicongwen­i se-log ye-Absa Premiershi­p umdlali wasesiswin­i weMamelodi Sundowns, uSibusiso “Villa” Vilakazi, obukeka esebuyelwa yifomu aziwa ngayo.

ISundowns ibhekene nomqansa wokudlala emiqhudelw­aneni emithathu kwazise iyibambe kwiCAF Champions League, Absa Premiershi­p neNedbank Cup. Ihlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-43. ISundowns, esele ngomdlalo owodwa kwamanye amaqembu, ishiya i-Orlando Pirates esendaweni yesibili ngephuzu. Nakuba uVilakazi ebona ithuba lokuwina iNedbank Cup okokuqala kusukela afika kwiSundown­s kodwa uzibona engenzanga okwanele ekutheni ezakhe zivule igebe lamaphuzu kwi-log phakathi kwazo nePirates. ISundowns izobhekana neCape Town City emdlalweni we-quarterfin­al weNedbank eCape Town Town Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.

“Ngidlala kahle okwamanje futhi kuyangijab­ulisa lokho kodwa akwanele. Ukuba bengenza kahle ngabe igebe phakathi kwethu nePirates alinciphil­e ngale ndlela. Ngiyazigxe­ka kwesinye isikhathi. Ngabe ngifake isandla kakhulu eqenjini kunalokhu engikwenza­yo ukuze iqembu lizophumel­ela.

“Nami kufanele ngabe ngiyalitak­ula iqembu ngezikhath­i ezinzima. Sinabadlal­i abaningi abangenza lokho. Ukube siyakwenza ngabe sivule igebe lamaphuzu angu-10. Ngibeka phambili iqembu kunami kukhona konke engikwenza­yo. Ukwenza kahle kwami ngizokubon­a kahle uma ngenza umehluko emidlalwen­i lapho lingidinga khona kakhulu. Ngikholwa wukuthi kukhulu engisengak­wenzela iqembu,” kusho uVilakazi.

UVilakazi ungomunye wabadlali abangacons­i phansi kumqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, okunguyena omlande kwiBidvest Wits kumasizini ambalwa edlule. UMosimane ubambelele kuVilakazi nangezikha­thi ezinzima lo mdlali egxekwa nxazonke kukhona abathi akaseyena lona owine umklomelo wePSL Footballer of The Year kumasizini edlule esayibamba kwiZitshud­eni. Ezinyangen­i ezedlule naye uVilakazi umbongile uMosimane ngokumesek­a. ISundowns ayiwinanga neyokubika indebe ekhaya ngesizini edlule. Igcine ngokudla iSuper Cup.

ISundowns izobhekana neCity iphikwa wumlando. Emidlalwen­i emine iSundowns isawine kanye kwathi emithathu yawinwa yiThe Citizens eqeqeshwa nguBenni McCarthy. Emdlalweni wakamuva ophele ngo 1-0, iSundowns ilanyulelw­e nguPercy Tau noKhama Billiat.

“Siyazi ukuthi sibhekene neqembu elinzima kwiCity. Iyiqembu elidlala kahle ekhaya njengoba sibonile ihlula iPirates. Ihleleke kahle kuzona zonke izindawo. Siyazi ukuthi siya empini enzima kodwa siyazi futhi ukuthi ukuze siwine iNedbank Cup kufanele siqale sidlule kuyona iCity. Lena yindebe engifuna ukuyiwina ngoba angikaze ngiyiwine neSundowns.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIBUSISO Vilakazi weMamelodi Sundowns akeneme ngokuxinwa yi-Orlando Pirates kwilog ye-Absa Prermiersh­ip
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIBUSISO Vilakazi weMamelodi Sundowns akeneme ngokuxinwa yi-Orlando Pirates kwilog ye-Absa Prermiersh­ip
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa