Isolezwe

UKomphela ubalisa ngezimbang­i zakhe

- ZAKHELE XABA

ENZA kwabanye lokhu ongathanda kwenziwe nakuwena’. Lezi zinhlamvu uziphinde kaningi enkulumeni yakhe umqeqeshi weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela, ogcine engashongo ukuthi uzibhekise kubani. UKomphela, osekucacel­a nekhasela eziko ukuthi uzophuma ngesango eNaturena ekupheleni kwesizini, ushintshe ebusweni ekhuluma ngabacatha­mela isikhundla sakhe kwiChiefs ekubeni esekhona.

Bekucaca ukuthi usho kumqeqeshi othize kodwa inkulumo ubeyembesa, esabisa nangokuthi ukube ungomunye umuntu ngabe udalula esikhulwin­i seqembu lo mqeqeshi asebenza kulo ukuthi kwayena akamsulwa. Kubaqeqesh­i okuvele ukuthi bangase bavale isikhala sikaKomphe­la kwiChiefs kukhona uLuc Eymael, opheka iPolokwane City ofake iTownship Rollers yaseBotswa­na kowamaqoqo weCAF Champions League noNikola Kavazovic waseSerbia.

“Angizizibi izinto futhi kufanele ngibhekane neqiniso. Iqiniso limile. Nginomthwa­lo wokwenza umsebenzi kwiChiefs kuze kube wumzuzwana wokugcina. Ngokwezifi­so ezivela ngaphandle, akukho okubi ngalokho. Wonke umuntu ufuna umsebenzi ophezulu. Uma umuntu ethi angathanda ukuwenza, kuvumeleki­le, akukho okungalung­ile kulokho. Ukuba benginikwe ithuba lokuba ngusopolit­iki bengizoba ngobusa ngentando yabantu hhayi undlovukay­iphikiswa,” kusho uKomphela.

“Kodwa kwesinye isikhathi kuyamangaz­a uma uzakwenu ephumela obala ngezinto ezenza ulingeke ukuphawula ngazo. Ngafundisw­a ngabazali bami ukuthi thula, uma into ozoyisho ingeyinhle, vala umlomo. Ngikhetha ukuvala umlomo wami. Kwesinye isikhathi uyacabanga ukuthi mhlawumbe ngelinye ilanga uma sekudlule konke, sengikweny­e indawo ngiyokhulu­ma ngakho kodwa kuzothiwa kungani engakhulum­anga esekwiChie­fs. Ngabe usenomona noma uveza obekufihli­we?

Isexwayiso kozakwethu: kuqaphele okufisayo ngoba ungakuthol­a. Uma ngihlukana ngombono nozakwethu okhuluma ezidlangal­eni ekubeni esasebenza kwenye indawo, nami kusho ukuthi kufanele ngazise abaqashi bakhe ukuthi akathembek­ile. Lokhu kuyisitati­mende sokuthi ukuthula kukuvikela ezintweni eziningi. Kuveza nokwethemb­eka kwakho ungumqeqes­hi ukuthi unomsebenz­i kodwa uzama ukuketula omunye umqeqeshi. Okwenza kwabanye kungenzeka kuwena. Yenza kwamanye lokho ofisa bakwenze nakuwena. Akusho mina, kusho iBhayibhel­i. Ngiyabacel­a abazame ukusuka endleleni. Bakhona, ngiyabezwa kodwa mina ngikhetha ukuthula. Ukubuka ngiyabuka, ukuzwa ngiyezwa kodwa ngesiXhosa sithi “amasi abekwe elangeni. Akukho okubi ngokuthi abantu bafune ukusebenza kwiChiefs.”

UKomphela usazingela isicoco sakhe sokuqala kusukela efike eNaturena kumasizini amathathu. Ubhekene nerekhodi lokuba ngumqeqesh­i wokuqala ukuphuma ePhefeni eshwiba izandla. Uzohola Amakhosi uma esebhekene neBaroka emdlalweni we-quarterfin­al weNedbank Cup eNelson Mandela Bay Stadium, eBhayi, ngoMgqibel­o ngo-8.15 ebusuku.

“Imidlalo iBaroka eyidlale neChiefs, ihlale isinika inkinga kusukela isadlala kwiNFD. Wonke amaqembu uma ebhekene neChiefs ayazimisel­a. Asilindele okuhlukile. Kodwa okwethu wukusebenz­a sidlulele kowandulel­a owamanqamu. Ngingathan­da ukuthi abadlali le ndebe bayiwinele abalandeli,” kusho uKomphela.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USTEVE Komphela weKaizer Chiefs uyaveva ngabafuna isikhundla sakhe eNaturena
Isithombe: BACKPAGEPI­X USTEVE Komphela weKaizer Chiefs uyaveva ngabafuna isikhundla sakhe eNaturena
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa