Idlalele endaweni embi i-Australia ifihla isiphalo emankwahleni
UMA ungowesilisa owake wadlala ibhola likanobhutshuzwayo kufanele ukwazi ukuthi kunjani ukuqunywa yibhola emankwahleni. Akufani nokumaya inhloko yenkomo okuyinto azifelayo ngayo amadoda.
Angiphathi kona uma kubanda, uvele ukhonkobale ungazi noma kumele uhayize noma uqume wena owabona umuntu ehlatshwa yizibhobo ezinzima. Akuthathi imizuzwana nje ukuthi ululame kuleso simo kodwa kuba yisikhathi esijana, lapho amankwahla uzwa sengathi agwinywe yisisu.
Amankwahla akuyona nje into yokudlala futhi awafuni ukuvele athintwe kungenasizathu esinqala. Ngiyamangala-ke ukuthi yini abadlali be-Australia badlalele kuwona amankwahla baze bafihle khona izinto.
Kuleli sonto eliphelayo kuningi okungiphazamise emphefumulweni kodwa akukho okungimangaze njengale nto eyenziwe yi-Australia ibhekene namaProteas kwiTest yesithathu eKapa ngempelasonto. Ngisazibuza ukuthi ngabe ukaputeni uSteve Smith, yiphini lakhe uDavid Warner nomdlali osemncane nokho uCameron Bancroft basithatha kanjani isinqumo sokuthi bafihle isihwayo emankwahlweni ukuze bahwaye ibhola khona lizokwenza abakufunayo? Ngabe sebewesaba ngaleyo ndlela amaProteas ukuthi sebengafuna izindlela ezingemukelekile zokuwina?
Okubuhlungu nje wukuthi lesi senzo sabo, okuyinto abavumile ukuthi bebeyihlelile, sihlaze i-Australia kanzima. Kuhle impela ukuthi i-Cricket Australia ithathe isinqumo sokuthi bobathathu bathathe amasakana abo baphindele ekhaya ngoba badlala kabi, badlala ngokufihla emankwahleni izinto zokusifaka umunwe esweni. Angazi noma ngiyeneliseka yini ngokuthi uSmith noWarner bagwetshwe yiCricket Australia ukuthi bangazihlanganisi nekhilikithi yezwe labo isikhathi esingangonyaka. UBancroft ugwetshwe ukuthi angayidlaleli i-Australia izinyanga eziyisishiyagalolunye.
Ngokwami bekumele bathole isigwebo esizoba buhlungu kubona njengokuqunywa yibhola emankwahleni ngoba bayathanda nokudlalela kuwona. Kumele babone ukuthi le nto eyenzekile ayamukelekile. Ikhilikithi umdlalo ohloniphekile odlalwa uphinde ubukwe abantu abazithandayo nabayizingcwasimende. Lo mdlalo awuzidingi izinto zokuhwaya ibhola ezifihlwa emankwahleni, yihlazo elikhulu lelo.
Ngiyabona nje ukuthi laba badlali base-Australia bayithatha kancane iNingizimu Afrika njengoba benqume ukwenza lokhu bedlalela lapha. Kusobala ukuthi bacabanga ukuthi izinga lethu lokushutha imidlalo yekhilikithi lisephansi kakhulu nakhu benze umhlolo besenkundleni yethu. Ngimshayela elikhulu ihlombe nalo mthwebuli obabambe oqotsheni ngisho uBancroft esethi ufihla kwandawo. Kuthiwa igama lalo mthwebuli weSuperSport nguOscar.
Abathwebuli bekhilikithi bazi kahle ukuthi ikhamera kumele ingasuki lapho kusuke kukhona ibhola yikho esheshe wabanjwa uBancroft esashutheka isandla emankwahleni libe likuyena ibhola.
I-Test yokugcina eqala kusasa eWanderers Stadium, eGoli, kuzoba nzima ukuthi iyiwine i-Australia. Phela abadlali abahambile bashaya into ecokeme impela yingakho nje uSmith kunguyena ozihola phambili kubadlali ababhethayo abakleliswe yi-International Cricket Council (ICC) emhlabeni. Ayaziwa futhi namagalelo kaWarner kuma-Test, imidlalo yosuku olulodwa nakwiT20. Nokho kuthiwa uzenzile akakhalelwa.
Okwenzeke kulezi zimambana kumele kube yisifundo kubo bonke abakwikhilikithi. Asikho isidingo sokufuna ukurobha uma uneqembu elizethembayo ukuthi lingashaya noma yisiphi isitha elisuke libhekene naso. Angiqondi ukuthi kungani i-Australia ifuna ukuwina ngenkani. Njengoba behluliwe kwi-Test yesithathu bebengazama ukulwa ngayo yonke indlela ukuwina i-Test yesine eqala kusasa ukuze lolu chungechunge luphele zibambene ngo 2-2. Sebeke bakwenza lokho phambilini futhi bekumele bakholwe ukuthi bangakuphinda. AmaProteas agcina ngeminyaka yabo-1970 ukuwina uchungechunge lwemidlalo ye-Test lapha ekhaya uma ebhekene ne-Australia. Nokho kulokhu ubukeka uzoshintsha umlando ngoba uSmith nobhululu bakhe banqume ukusivulela intuba yokuwushaya phansi lo mlando wabo. Siyejabula-ke thina ngeke sibazwele.
Kungenzeka ukuthi ibingaqali le nto kwazise kune-video eveza uBancroft efaka okubukeka sengathi ushukela ephaketheni lakhe ngaphambi kokubuyela enkundleni kowe-Ashes abawudlale ne-England muva nje. Bazoshayeka nasephaketheni uWarner noSmith ngoba sebexoshiwe kwi-IPL lapho bebengokaputeni beSunrisers Hyderabad neRajasthan Royals. Balahlekelwe u-R22.2 million