Ngiyazigxeka kwesinye isikhathi – Vilakazi
UZIGXEKA yena ngokumpitsheka kweqembu esicongweni se-log ye-Absa Premiership umdlali wasesiswini weMamelodi Sundowns, uSibusiso “Villa” Vilakazi, obukeka esebuyelwa yifomu aziwa ngayo.
ISundowns ibhekene nomqansa wokudlala emiqhudelwaneni emithathu kwazise iyibambe kwiCAF Champions League, Absa Premiership neNedbank Cup. Ihlezi phezulu kwi-log ngamaphuzu angu-43. ISundowns, esele ngomdlalo owodwa kwamanye amaqembu, ishiya i-Orlando Pirates esendaweni yesibili ngephuzu. Nakuba uVilakazi ebona ithuba lokuwina iNedbank Cup okokuqala kusukela afika kwiSundowns kodwa uzibona engenzanga okwanele ekutheni ezakhe zivule igebe lamaphuzu kwi-log phakathi kwazo nePirates. ISundowns izobhekana neCape Town City emdlalweni we-quarterfinal weNedbank eCape Town Town Stadium, ngeSonto ngo-3 ntambama.
“Ngidlala kahle okwamanje futhi kuyangijabulisa lokho kodwa akwanele. Ukuba bengenza kahle ngabe igebe phakathi kwethu nePirates alinciphile ngale ndlela. Ngiyazigxeka kwesinye isikhathi. Ngabe ngifake isandla kakhulu eqenjini kunalokhu engikwenzayo ukuze iqembu lizophumelela.
“Nami kufanele ngabe ngiyalitakula iqembu ngezikhathi ezinzima. Sinabadlali abaningi abangenza lokho. Ukube siyakwenza ngabe sivule igebe lamaphuzu angu-10. Ngibeka phambili iqembu kunami kukhona konke engikwenzayo. Ukwenza kahle kwami ngizokubona kahle uma ngenza umehluko emidlalweni lapho lingidinga khona kakhulu. Ngikholwa wukuthi kukhulu engisengakwenzela iqembu,” kusho uVilakazi.
UVilakazi ungomunye wabadlali abangaconsi phansi kumqeqeshi weSundowns, uPitso Mosimane, okunguyena omlande kwiBidvest Wits kumasizini ambalwa edlule. UMosimane ubambelele kuVilakazi nangezikhathi ezinzima lo mdlali egxekwa nxazonke kukhona abathi akaseyena lona owine umklomelo wePSL Footballer of The Year kumasizini edlule esayibamba kwiZitshudeni. Ezinyangeni ezedlule naye uVilakazi umbongile uMosimane ngokumeseka. ISundowns ayiwinanga neyokubika indebe ekhaya ngesizini edlule. Igcine ngokudla iSuper Cup.
ISundowns izobhekana neCity iphikwa wumlando. Emidlalweni emine iSundowns isawine kanye kwathi emithathu yawinwa yiThe Citizens eqeqeshwa nguBenni McCarthy. Emdlalweni wakamuva ophele ngo 1-0, iSundowns ilanyulelwe nguPercy Tau noKhama Billiat.
“Siyazi ukuthi sibhekene neqembu elinzima kwiCity. Iyiqembu elidlala kahle ekhaya njengoba sibonile ihlula iPirates. Ihleleke kahle kuzona zonke izindawo. Siyazi ukuthi siya empini enzima kodwa siyazi futhi ukuthi ukuze siwine iNedbank Cup kufanele siqale sidlule kuyona iCity. Lena yindebe engifuna ukuyiwina ngoba angikaze ngiyiwine neSundowns.”