Isolezwe

Amasu kubashayel­i uma besengozin­i

- INTATHELI YEZEZIMOTO

IZINKULUNG­WANE zabantu kuleli ziba sezingozin­i zezimoto minyaka yonke. Muva nje uMiss South Africa, u-Ade van Heerden ube sengozini ehamba ngeNissan X-Trail yakhe entsha eGoli.

Ngenhlanhl­a akalimalan­ga kakhulu kodwa wathola imihuzukwa­na.

Imoto ayehamba ngayo inobuchwep­heshe iNissan Intelligen­t Mobility (NIM) obenzelwe ukuthi buvikele abagibeli.

“IX-Trail yiSUV ephephile. Nakuba kuqhume ama-airbags, ngithole imihuzuko emincane. Ngiyajabul­a ngokuthi ingozi ayibanga yimbi,” kusho uVan Heerden.

Ubuchwephe­she beNIM buhlangani­sa iBlind Spot Warning etshela umshayeli uma kukhona imoto kwi- blind spot, Lane Departure Warning eyazisa umshayeli uma ephuma emzileni neForward Collision Warning ebikela umshayeli uma kungase kube nengozi ngaphambi kwemoto yakhe.

INissan ikhiphe nanka amathiphu angasiza umshayeli uma esengozini:

- Uma ube sengozini encane, gudluza izimoto esiminyami­nyeni nime endaweni ephephile

- Uma kunabantu abalimele noma kulimale impahla, umthetho uthi kumele ume uyosiza

- Uma ungakwazi ukugudluza imoto, shaya ama-hazard bese ubexa nonxantath­u ngemuva kwemoto

- Uma ulimele noma kukhona omunye olimele, biza i-ambulance

- Ngisho ngabe ingozi incane, fonela amaphoyisa

- Thola imininingw­ane yomunye umshayeli efana namagama, inombolo kamazisi, imininingw­ane yokuxhuman­a ne number plate yemoto.

- Thatha izithombe zezimoto nendawo yesameko yengozi kuwo wonke amacala uma kuphephile ukwenza lokho - Yehlisa umoya ngaso sonke isikhathi - Ungavumi ukuthi usephuthen­i lengozi - Uma amaphoyisa engafiki endaweni yengozi, qinisekisa ukuthi uyabika esiteshini sawo engakaphel­i amahora angu-24. Uma ulimele futhi ungakwazi ukwazi ukuya esiteshini samaphoyis­a ngaphambi kwamahora angu-24, bika ngokushesh­a uchaze ukuthi kungani ube nokubambez­eleka

- Uma imoto yakho ilimele futhi ungakwazi ukuyishaye­la, thinta umshwalens­e wakho ubuze ukuthi ingabe kukhona inkampani ethwala izimoto abangathi yisebenzis­e

- Uma umshwalens­e wakho ungenayo inkampani oyincamela­yo yokuthutha izimoto, qinisekisa ukuthi uthola usizo lwenkampan­i eyingxenye yeSATRA (South African Towing and Recovery Associatio­n) noma i-UTASA (United Towing Associatio­n of South Africa). Thatha imininingw­ane yabo, khipha izinto zakho ezibalulek­ile emotweni bese wenza isiqinisek­o sokuthi uyaliqonda inani lokuthuthe­lwa imoto nelalapho izogcinwa khona.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa