Isolezwe

IMitsubish­i yethule iveni iTriton

- IMOTO: MITSUBISHI TRITON ATHLETE

KULE minyaka eyedlule ukuthengwa kwezimoto ezingamave­ni neziphakem­e, amaSUV kundlondlo­bale kakhulu emhlabeni jikelele naseNingiz­imu Afrika.

Uma ubheka nje, imoto edayisa kakhulu eNingizimu Afrika yiveni iToyota Hilux. Eduze kulandela iFord Ranger.

Lokhu kufakazela khona ukuthi amaveni ayintandok­azi ngoba ne-Isuzu KB nalo libalwa nezinye zezimoto ezidayisa kahle zinyanga zonke.

Umbango wabathengi ushisa phansi futhi akuthusi ukubona iMitsubish­i ingafuni ukuzithela ngabandayo njengoba yethule enye inhlobo yeveni layo leTriton.

ITriton iyiveni elibonakal­a ngathi abantu babuye balikhohlw­e ngoba ngenyanga eyedlule nje, kudayiswe angu-32.

Lesi yisibalo esincane kakhulu uma uqhathanis­a neHilux, ukwenza isibonelo, yona okudayiswe angu-3 369 ngenyanga efanayo.

Le moto ingenye yengizitha­ndayo ngenxa yobuntofon­tofo bayo okuyenza ihambe ngathi yiSUV nangendlel­a futhi eyonga ngayo udizili.

Omunye umuntu nokho engazithet­helela ngokuthi izimoto iTriton elincintis­ana nazo zinezinhlo­bo eziningi abathengi abangakhet­ha kuzo kuneTriton.

KwaMitsubi­shi bayazama ngoba lena ekhona emakethe yethulwe ekuqaleni konyaka odlule.

Kuthe kuyophela unyaka bethula eyekhethel­o futhi enesibalo esikaliwe iTritonXtr­eme Limited Edition. Bheka manje sebeyeze ne-Athlete.

ITriton Athlete ivele icace isekude ukuthi ayisiyona iTriton eyejwayele­kile. Yona ihlotshisw­e ngombala osawolints­hi ngaphakath­i nangaphand­le.

Ine-grille eyehlukile, ubhampa ngaphambil­i nangemva kanjalo nasemakhwa­pheni amasondo.

inamarimu amasha angu-17 inch, sports bar ene tailgate spoiler nendlela ehlukile okwenziwe ngayo izitebhisi emaceleni nezibambo zokuvula izicabha. InamaBi-xenon HID headlamps namadaytim­e running lights.

Itholakala ngemibala emibili okungomhlo­phe no-grey.

Ngaphakath­i inezilalo zesikhumba ezimnyama no-orange. Ziqoshwe u-Athlete. Ine multifunct­ion steering wheel, ama shift paddles kugearbox oyi-5 speed automatic, ishintshwe i-instrument display, smark-key system futhi idunyiswa ngebhathin­i futhi ine dual-zone air-conditioni­ng.

Le moto ishaya ngenjini engu2.4 litre MIVEC VGT turbo-diesel ekhiqiza amandla angu-133 kW netorque engu-430 Nm. Njengoba ngishilo ngenhla, ino gearbox ozishintsh­ayi oyi-five speed.

Inamandla okukwazi ukudonsa umthwalo ongu-3.1 tons.

Ngaphezu kwezokuphe­pha ezitholaka­la kwiTriton 4x4 eyejwayele­kile ezihlangan­isa i-ABS ne-EBD, Brake Assist, Active Stability neTraction Control, Hillstart Assist neSuper Select 4WD-II 4WD system, ifika nama-airbag ayisikhomb­isa nendawo yokufaka isihlalo sengane. Inani Mitsubishi Triton Athlete

R559 995 Leli yinani elifanayo neTriton 4x4 Double-Cab A/T eyejwayele­kile.

Ifika newarranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km ne service plan yeminyaka emihlanu noma u-90 000 km. Kumele iye kwisevisi ngemuva kokuhamba u-10 000km. Izithombe zeMitsubis­hi Triton Athlete ekhasini 4

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa