Isolezwe

Amathiphu okuphepha emgwaqweni kuleli Phasika

- INTATHELI YEZEZIMOTO

WE HAVE A LARGE VARIETY OF ENGINES AND GEARBOXES TO CHOOSE FROM KULINDELEK­E ukuthi wande umthamo wezimoto emgwaqweni ngale mpelasonto kwazise yimpelason­to yePhasika.

Umphathi weMasterDr­ive u-Eugene Herbert ukhiphe amathiphu okumele abashayeli bawasebenz­ise ukuze baphephe emgwaqweni.

Uthe maningi amathuba okuthi imoto ingagcini kuphela ngokuba nabagibeli abaningi kodwa kuphinde kwande nomthwalo. Uthe kungenzeka nokuthi bagcine sebedonsa inqola.

Ngenxa yalokhu uthe amandla emoto azoncipha, kuzothatha isikhathi ukuma ngakho kubaluleki­le ukuthi abashayeli bashiye isikhala esithe xaxa phakathi kwemoto yabo nabayiland­elayo, izingane ezihleli ngemuva azingaphaz­amisi futhi gwema ukuzisitha ngezimpahl­a nokuqaphel­a okwenzeka emaceleni futhi kusebenze ne-indicator.

UHerbert uthe yize kumnandi ukuhamba emgwaqweni okuthuleki­le kuwo kodwa nakhona kunezingqi­namba. Nazi okumele abashayeli baziqaphel­e:

- Maningi amathuba okuthi uhlangane namaloli. Ungawafake­li ingcindezi yokuthi ashayele ngemuva komugqa ophuzi ngoba akuphephil­e.

- Ungacasulw­a ukuhamba kancane kwezimoto bese ufuna ukuzidlula lokho kunobungoz­i

- Kumele ube mehlomane ezintweni ezinjengam­a-potholes, abahamba ngamabhayi­sikili, izilwane nabahamba ngezinyawo eduze nasemadolo­bheni

- Ungacasulw­a wukuminyan­a kwezimoto nabanye abashayeli abanengcin­dezi bese uhluleka wukuzibamb­a.

Uqhube wathi uma isimo sezulu sisibi ungakwazi ukubona phambili, yima egaraji noma endaweni ephephile ulinde. Uthe yandisa isikhala esiphakath­i kwakho nemoto ephambili. Uthe kumele ukhanyise amalambu futhi ungawushay­i u-bright uma kunenkungu bese uphumula ngaso sonke isikhathi.

UHerbert uthe uma uhamba ezintabeni yilokhu okumele ukwenze:

- Phuza amanzi ukuze ungagulisw­a ukuba sendaweni ephakeme.

- Phumula bese ubuka ubuhle bemvelo

- Qaphela ukuthi ukubuka izindawo akukuphaza­misi

- Yandisa isikhala phakathi kwakho nemoto oyilandela­yo

- Ukuncika kulayini ophakathi nendawo kungaba yingozi emakhoneni

 ??  ??
 ??  ?? INKUNGU ngenye yezimo ezenza kube nzima ukushayela
INKUNGU ngenye yezimo ezenza kube nzima ukushayela
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa