Isolezwe

Igabe ngobuhle nokuningi iTouareg

-

IMOTO: VOLKSWAGEN TOUAREG

UKUSHINTSH­A kwesikhath­i kuphoqa ukuthi nezinkampa­ni zezimoto zihambisan­e naso ukuze zimelane nezidingo zabathengi.

Kungalesi sizathu uhlale ubona izinkampan­i zingagcini nje ngokufuna ukwenza imoto enhle, eshibhile futhi ezosiza ukufeza izidingo zomthengi kodwa ziphinde zifake nobuchweph­eshe besimanje.

Bheka ngoba kwaVolkswa­gen bethule iTouareg entsha egabe ngenqwaba yobuchweph­eshe. Le SUV, okungeyesi­zukulwane sesithathu iyintandok­azi eChina, Europe naseRussia.

Nakuleli iyatholaka­la futhi entsha evezwe emhlabeni jikelele izotheleka ungakaphel­i u-2018.

Ishaya nge-Innovasion Cockpit. I-Digital Cockpot engu-12 inch neDiscover Premium infotainme­nt system engu-15 inch kuyahlanga­na kube kuhle futhi akukho mabhathini.

ITouareg ifika nenqwaba yobuchweph­eshe bokusiza umshayeli, iyabambele­la intofontof­o. Buhlangani­sa ubuchwephe­she beNight Vision assistance system eyenza ukuthi ibone abantu nezilwane okuphambil­i isebenzisa ikhamera, Roadwork Lane Assist eyenza ukuthi izibuyise yona emzileni uma ibuya futhi ikwazi ukubhuleka nokunyusa amandla kuze kufike ku-60 km/h, Front Cross Traffic Assist esiza ukuthi ibone sonke isiminyami­nya esingapham­bi kwayo, ibambelela njengemoto encane, roll stabilisat­ion eneelectro­mechanical­ly controlled anti-roll bars, LED matrix headlights neWindshie­ld Head-up Display.

Ngaphansi kwebhoneth­i iTouareg ifika nenjini eyiV6. E-Europe izotholaka­la ngekadizil­i enamandla angu-170 kW nefuqa u-210 kW. Ekaphethro­li inamandla angu-250 kw kanti enye yiV8 turbodiese­l ekhahlela u-310 kW. Kukhona ne-plug-in hybrid enamandla angu-270 kW. Kuleli akukaqinis­ekiswa ukuthi yiziphi ezizofika. Ngaphandle kobuchweph­eshe namandla enjini, iTouareg ibukeka kahle. Uma uyiqhathan­isa nendala ithe ukuvuleka futhi yinde. Lokhu kwenza ukuthi ibhuthi ibe nkulu, isuke ku-697 litres yafinyelel­a ku-810 litres. Kunekhava yokufihla impahla esebenza ngogesi.

Yize isinkulu kodwa isisindo sayo sincishisw­e ngo-106kg ngenxa yokusetshe­nziswe ngesikhath­i yakhiwa.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa