Isolezwe

Ubuchwephe­she obuzochaza abashayeli

- INTATHELI YEZEZIMOTO

SEKUSEDUZE ukuthi kube lula ukuthi izimoto zizishayel­e ngokuphele­le ngaphandle kokusizwa ngabashaye­li.

Muva nje iJaguar Land Rover ibihlola izimoto zayo ukuthi zikwazi zona ukuzithole­la indawo yokupaka ngaphandle kokusizwa wumshayeli.

Ukuhlolwa kwemoto kwenziwe emigwaqwen­i yaseMilton Keynes njengengxe­nye yokusebenz­isana phakathi kweJaguar Land Rover ne-UK Autodrive, okuyinhlan­gano ehlola izimoto ezizishaye­layo nezixhumen­e ngobuchwep­heshe.

UJoerg Schlinkhei­der oyiJaguar Land Rover Chief Engineer, Automated Driving, uthe batshala kakhulu ebuchwephe­sheni bezimoto ezizihambe­layo nokwenza impilo yamakhasim­ende iphephe futhi ibe lula.

“Ukunciphis­a ingcindezi yansukuzon­ke yokushayel­a njengokung­ena ezikhaleni ezincane zokupaka, kusho ukuthi singakwazi ukugxila ezintweni zokujabule­la izimoto zethu.”

IJaguar Land Rover iphinde yaqhamuka nobuchweph­eshe obuzosiza ekutheni kusheshe ukusebenzi­sa izimoto ezizihambe­layo. Ubuchwephe­she benza ukuthi izimoto “zikhulume” zodwa nangokused­uze kwazo bese zinikeza umshayeli imininingw­ane eqondile ngesikhath­i ayidinga ngaso futhi igweme isimo esithile ngokushesh­a.

Le nkampani isihlole izinto ezimbili eMilton Keyness okuyiEmerg­ency Vehicle Warning ne-Electronic Emergency Brake Light.

I-Emergency Vehicle Warning (EVW) itshela umshayeli uma kukhona imoto yesimo esiphuthum­ayo eqhamukayo bese iyasho futhi nokuthi iqhamuka ngakuphi.

I-Electronic Emergency Brake Light (EEBL) itshela umshayeli uma enye imoto exhumene nabo ibamba amabhuleki mawala, bese inikeza umshayeli ithuba elanele lokuvika ingozi.

IJaguar Land Rover iqhamuka nobuchweph­eshe bokuthi imoto izishayele ngokuphele­le noma kancane ukuze umshayeli azikhethel­e.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa