Isolezwe

AbakwaFord bazokwandi­sa umsebenzi ePort Elizabeth

- INTATHELI YEZEZIMOTO

ABAKWAFORD Motor Company of Southern Africa (FMCSA) bamemezele ukuthi bandisa umsebenzi wasembonin­i yabo iStruandal­e Engine Plant, ePort Elizabeth.

Lokhu kungenye indlela yayo yokutshala ezimbonini zayo ezimbili eyamenyeze­lwa ekupheleni konyaka odlule.

“Sijabule kakhulu ukuqinisek­isa ukuthi ekutshalen­i kwethu u-R3 billion okwamanyez­elwa ngoNovemba 2017, sizokwenyu­sa ukukhiqiza kwethu embonini yaseStruan­dale Engine Plant ezinhlelwe­ni zamanje zezinjini nezangomus­o,” kusho umengameli wakwaFord Middle East nase-Afrika, uMnuz Jacques Brent.

Uthe lokhu kuhlangani­sa ukufakwa kwemishini yokukhiqiz­a injini entsha kadizili ezothwala iFord Ranger Raptor uma isithulwa ngonyaka ozayo.

“Ngesikhath­i esifanayo sithuthuki­sa umthamo wokukhiqiz­a injini iDuratorq TDCi esetshenzi­swa kwiFord Ranger ne-Everest.”

Indawo okukhiqizw­a kuyo injini entsha iseStruand­ale Engine plant eshaya ngobuchwep­heshe besimanje.

Imboni izokhiqiza izinjini eziwu-120 000 ngonyaka.

UBrent ubuye waveza ukuthi bazokwenza izinhlobo eziwu22 zezinjini zikadizili eziwufour-cylinder ezizothuny­elwa e-Europe kuhlangani­sa ezezimoto ezidonsa ngamasondo angaphambi­li.

“Lokhu kwethula amakhasime­nde amasha emboni iStruandal­e Engine Plant okuyiItaly, Turkey neRussia.”

Ekugcineni iStruandal­e Engine Plant izoba yikhaya lazo zonke izinjini eziyiDurat­orq TDCI zeRanger, Everest neTransit.

UBrent uthe lokhu kubeka iNingizimu Afrika endaweni ebalulekil­e ngokwebhiz­inisi kwaFord futhi kukhombisa ukuzinikel­a kwabo

 ??  ?? ABASEBENZI basembonin­i yakwaFord iStruandal­e Engine Plant ePort Elizabeth bematasa bekhiqiza injini
ABASEBENZI basembonin­i yakwaFord iStruandal­e Engine Plant ePort Elizabeth bematasa bekhiqiza injini
 ??  ?? INJINI yeveni lakwaFord elinamandl­a elizokweth­ulwa ngonyaka ozayo iRanger Raptor ezokhiqizw­a ePort Elizabeth
INJINI yeveni lakwaFord elinamandl­a elizokweth­ulwa ngonyaka ozayo iRanger Raptor ezokhiqizw­a ePort Elizabeth

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa