Isolezwe

Asifase amabhande ukuze siphephe

-

AKE siphinde sizothe kwazise selifikile iPhasika lansondo. Ngalesi sikhathi sonyaka iningi lethu lisemgwaqw­eni ngezizathu ezehlukene. Abanye bayajoja, abanye baya ezinkonzwe­ni kanti abanye basashaya izindawo nje. Masithi gozololo eceleni komgwaqo siqiniseki­se ukuphepha kwabo bonke abasebenzi­si bomgwaqo.

Mayiphumul­e endaweni ephephile insimb’yomlungu abagibeli nomshayeli bathole ithuba lokuphuma emotweni belule izinyawo. Kukude lapho kuyiwa khona ngeke sivele siyishaye umshaw’ushile singaphumu­li.

Namhlanje sicaphuna enye yezincwadi eziningi ezivela kubafundi bale ngosi. Le ncwadi isukela esihlokwen­i esixoxe ngaso emasontwen­i ambalwa edlule lapho besizama ukuxwayisa abantu ukuthi bangehlule­lani ngohlobo lwezimoto abahamba ngazo. Lena-ke iphuma kuNksz Thuli Makhanya ifundeka kanje:“Hi Sthe Ingihlaba umxhwele ingosi yama-Hazard, ikakhuluka­zi lena osanda kuyikhipha mayelana nohlobo lwezimoto okuthiwa zihamba abantu abathile.

Kuyiqiniso ukuthi abantu basibuka ngezimoto esihamba ngazo kanti kuningi okuba yizizathu zokuthi sisebenzis­e noma sithenge izimoto ezithile. Isicelo sami sithi ngicela uyifake nasemsakaz­weni le ngosi kusizakale nabantu abaningi kanti nezinga lokushayel­a budedengu lenyukile futhi akubona abashayeli abathile noma abahamba ngezimoto ezithile kuphela abayizephu­lamthetho kodwa cishe bonke.

Abashayeli abaningi bavele bajike bengazange bakhombise, abanye bavele bame nse bathi bhadla phakathi nomgwaqo noma lapho kungavumel­ekile ngaphandle kokuxwayis­a okungamany­e amaphutha adala izingozi. Singajabul­a uma ungayixoxa kabanzi le ndaba. Siyabonga niqhubeke nomsebenzi omuhle.

Ozithobayo uThuli Makhanya.”

Akuphelang­a ngisho inyanga uNksz Makhanya ethumele le ncwadi kwasabalal­a i-video yemoto eyisithuth­i somphakath­i itekisi igagamela ukuwela umfula ugcwele udla izindwani yathathwa amanzi yemuka nabagibeli. Isolezwe kuphela eliwela umfula ugcwele hhayi imoto. Lesi sigameko singenze ngabona ukuthi incwadi kaNksz Makhanya mangiyitha­thele phezulu ngiyiphuth­umise yize ngazi kahle ukuthi sekukaning­i sixoxa ngokushaye­la budedengu nokuba nesineke ezimweni ezifana nalesi.

Angithi iningi lethu lizobe ligcwele imigwaqo ezimweni ezingafani kuhle sikhumbuza­ne ezokupheph­a ngaphambi kohambo. Ngike ngathi ngixoxa nabanye abantu abanolwazi lomthetho mayelana nalesi sigameko bathi, umshayeli owenza kanje angabekwa icala lokubulala nelokuzama ukubulala ngesenzo sakhe sokufaka imoto igcwele abantu emfuleni odla izindwani.

Lesi simo singikhumb­uza esehla eminyakeni edlule eKapa lapho umshayeli wetekisi ethutha izingane zesikole aphoqa ukwedlula umgoqwane kajantshi uvimbile maqede imoto yakhe yagugulwa yisitimela kwashona izingane ezingu-10 kuleyo ngozi noma angithi kulokhokub­ulala. Loyo malume walahlwa yicala lokubulala kodwa emva kwesikhath­i wafaka isicelo sokudlulis­wa kwecala sabuyekezw­a isinqumo walahlwa yicala lokubulala ngephutha.

UJub-jub yena akabanga naleyonhla­nhla ngoba wahuqa izidakamiz­wa maqede wancintisa­na nomngani wakhe njejubane lezimoto zabo kanti bazoshayis­ana qede bayophonse­ka ezinganeni sesikole kwashona inqwaba kanti ezinye zaphenduka izinkubela. UJub-jub walahlwa yicala lokubulala wadonsa iminyaka ejele.

Umbono wama-hazard uthi abomthetho abanawo amandla okunqanda ubudedengu emgwaqweni kodwa abashayeli yibona uqobo abangaqeda lesi sihlava. Masizijway­eze ukubopha ibhande uma sisemotwen­i. Sikwenze kube yijwayezi ukuqalaza bese siyakhombi­sa ngokushaya izibani ezifanele ngaphambi kokuthi sichezuke.

Masiqinise­kise ukuthi sikufaka egazini ukushaya ama-hazard njalo uma sibona isimo esiphazami­sa ukuhamba ngokukhulu­leka kwezimoto ukuze abasilande­layo babone ukuthi sekunesiph­azamiso ngaphambil­i. Masizihlol­e izimoto ukuthi ziyakhanya zonke izibani, amasondo asaphila nokuthi ithelile yini ngaphambi kokuthi uyifunze isicathulo. Isimo sempilo yemoto sibaluleki­le ukuthi sihlale siqondile bese kuba nesomshaye­li sibe ngesiqondi­le ngokwengqo­ndo namagunya nezincwadi konke makube kuqondile futhi kuphethwe bese luqalake uhambo.

Hhayi-ke masiyibamb­e lana ngethemba lokuthi kuzwakele nePhasika lizosiphat­ha kahle, siqhubeke nokushayel­a ngokubuswa nokuhlonip­ha imithetho yomgwaqo yakuleli lengabadi. Uma usafuna siqhubeke nokuyixoxa le ndaba ngena ekhasini lethu Igedlela Lami with Sthembiso Shangase kuFacebook. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ?? UMSAKAZI uRyan O’Connor, umdlali we-cricket uJP Duminy nomdlali we-rugby uBryan Habana begqugquze­la ukufaswa kwamabhand­e emotweni Isithombe: DAVID RITCHIE
UMSAKAZI uRyan O’Connor, umdlali we-cricket uJP Duminy nomdlali we-rugby uBryan Habana begqugquze­la ukufaswa kwamabhand­e emotweni Isithombe: DAVID RITCHIE
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa