Isolezwe

Irekhodi elisha kwi-2018 Engen Polo Cup

- INTATHELI YEZEZIMOTO

IQALE ngegiya eliphezulu i-2018 Engen Polo Cup eKyalami ngoMgqibel­o owedlule lapho abashayeli bebehamba ngePolo GTI entsha.

NgoMgqibel­o ekuseni, kusahlelwa ukuthi izimoto zizoqala kanjani, bekuminyen­e utshumo ezimotweni eziyisithu­pha ziholwa phambili umshayeli osemncane uJeffrey Kruger we-Universal Healthcare Polo.

UKruger ugcine eqala endaweni yokuqala ngaphambi kukaJonath­an Mogotsi (VW Motorsport Polo), Juan Gerber (Gerber Motorsport Polo), Tasmin Pepper (Electric Life Polo), Keegan Campos (Turn 1 Polo) noShaun La Reservee (Alpine Motors Polo).

Emjahweni wokuqala uKruger uqale kahle. Uzihole phambili kusukela kuqala kwaze kwayophela futhi uqophe irekhodi elisha eKyalami le-Engen Polo Cup ngo-2 min. 7.925 seconds.

Abebempint­she eduze nguMogotsi, Gerber, Pepper, Campos noLa Reservee. UCharl Wilken (Cronje’s Auto Body Polo), Benjamin Habig (Just Tools Polo), Delon Thompson (A&L Materials Polo) noClinton Bezuidenho­ut (GLYCO Polo) bakwabaphu­me kwabangu-10 abaphambil­i.

Umjaho ubulandela imoto ebibeka ijubane ama-laps amane ngemuva kokuthi uRaais Asmal (VW Motorsport Polo) noSimon Need (Photonics Polo) bashayisan­e base beshayisa udonga lwamathayi.

Emjahweni wesibili kubonakale uGerber noMogotsi babanga ukuzihola phambili baze bashayisan­a baphuma bobabili. Lokhu kuholele ekutheni uGerber angabe esakwazi ukuqhubeka nomjaho.

UKruger uzihole phambili elandelwa nguPepper kuyoqedwa obelandelw­a nguCampos, La Reservee, uMogotsi noBezuiden­hout.

Ezinye izindawo ezine zithathwe nguWilken, Thompson, Daniel Duminy (SMD Group Polo) noDarren Oates (PAYEN Polo).

UJeffrey Kruger ugcine eba ngumshayel­i wosuku kwathi uTasmin Pepper onqobe emunxeni weMasters waphuma endaweni yesibili.

UKeegan Campos, Jonathan Mogotsi, Shaun La Reservee noCharl Wilken baphume kwabayisit­hupha abaphambil­i.

Umzuliswan­o olandelayo we-2018 Engen Polo Cup uzoba seWestern Cape Killarney Circuit ngo-Ephreli 21.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa