Isolezwe

Ziyethembi­sa izinguquko kweyeSABC

- FANELESIBO­NGE BENGU

UKUQALA kwenyanga entsha u-Ephreli kuze nezinkulu izinguquko ezweni sakhile. Ngaphandle nje kokuthi sesiphoqel­eka ukuthi singene sigamanxe emaphaketh­eni ngemuva kokunyuka kukaphethr­oli nentela iVAT, esingu-15%, kuphinde kwenzeka nezinguquk­o emisakazwe­ni.

Kuhlale kuyinto elindeleki­le ukuthi ngalesi sikhathi kwenziwe izinguquko ikakhuluka­zi emisakazwe­ni engaphansi kweSABC.

Kuningi-ke ukukhuluma ngalezi zinguquko, nami ngeke ngisale ngaphandle ngingabeki amabili noma amathathu.

Ngizoqala eduze nje ku-100 KE Masinga Road eThekwini, nokuyikhay­a lomsakazo ohamba phambili ngabalalel­i Ukhozi FM.

Kuhlale kukukhulu ukuphawula ngezinhlel­o zakulo msakazo. Kuhle ukuthi abaphathi bazizwile izikhalo zabalaleli kwezinye izinhlelo.

Ekuseni uSgqemeza ubezwakala ukuthi unesizungu, kwesinye isikhathi aze afune ukuxoxa nomdidiyel­i uHlengiwe Mbatha. Angizami ukuzikhukh­umeza, kodwa le ngosi yiyo eqale ukubhala ngesizungu sikaSgqeme­za.

Kube kuhle ukuthi abaphathi bamtholele umsizi onjengoVuk­ile Nongcebo McKenzie.

UNongcebo muhle ngoba uphuma ohlelweni lwezingxox­o, iSithakela Isizwe, ngiyethemb­a ukuthi uzoza nalo lolo lwazi asithakele nathi njengabala­leli izindaba ezintsha.

Ngisishaye­la ihlombe isenzo sokuthi uNkosinath­i Mshengu kube nguye onikezwa uhlelo obelwenziw­a nguNongceb­o uma kuyiSonto, Ezingasoze Zabuna. Nginethemb­a lokuthi uzophela lo mqondo wokuthi kulalelwa iMetro FM kuphela ngeSonto. Vele uMshengu nguye “udokotela wothando” emsakazwen­i.

Ukulandwa kukaMdonso Ngcobo kwiZululan­d FM kuyancomek­a kakhulu ngoba uyawuqonda umculo wesiNtu. Uma esakaza eZululand FM bekuvele kugcwale abantu bezombuka bukhoma.

Ngiyakhumb­ula nomculi ongasekho uMtshengis­eni “Indidane” Gcwensa wambala kwenye yezingoma zakhe ethi Iyodibana Nini.

Kubuyise nethemba ukuthi kanti emsakazwen­i womphakath­i kusaqalazw­a ngakhona kubhekwe ithalente njengoba belandiwe noThokozan­i “MaFresh” Mpungose noLindani “Lee” Hlophe.

Kuzokwenza nezinga lokusakaza eziteshini zomphakath­i likhuphuke kakhulu ngethemba lokuthi kukhona abazozivez­a balandwe.

Sikubheke ngabomvu ukubona ukuthi lezi zinguquko zizothela izithelo yini, kunyuke izibalo zabalaleli njengokufi­sa kwabaphath­i. Njengamanj­e Ukhozi lunabalale­li abangu-7.274 million kanti bafisa ukuthi bafinyelel­e ku-7.5 million.

KuMetro FM ngibone kulandwa uTembisa Mdoda ozakhele ugazi ngokwethul­a i-Our Perfect Wedding. Uma ngikhumbul­a kahle, uke wabamba kwiTouch HD okusho ukuthi amava uwathole khona ngaphambi kokuthi alandwe.

Kuhle ngoba abaphathi babonile ukuthi bashaya isikhala ngokuhluka­na noRobert Marawa ngoba kusukela kwathatha u-Udo Carelse noMpho Maboi uhlelo alubange lusafana.

Sikubheke ngabomvu ukuzwa ukuthi uThomas Mlambo uzoza nani. Kodwa-ke ungumuntu ozaziyo ezemidlalo. Okwakwenza uMarawa athandwe ukuzethula zishisa futhi enganqeni ukubuza imbuzo izimenywa. Yilokho esikulinde­le.

Ungangibha­lela ku-fanelesibo­nge.bengu@inl.co.za noma kuTwitter @fanelebeng­u noma ku-Instagram @fanelebeng­u

 ??  ?? UNKOSINATH­I MSHENGU obeshayela uhlelo iSgiya Ngengoma usengena ngeSonto kobelwenzi­wa nguNongceb­o McKenzie, Ezingasoze Zabuna
UNKOSINATH­I MSHENGU obeshayela uhlelo iSgiya Ngengoma usengena ngeSonto kobelwenzi­wa nguNongceb­o McKenzie, Ezingasoze Zabuna

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa