Isolezwe

UBrickz ‘ulale ekhaya’ ephuma ngebheyili

- NOKUBONGWA PHENYANE

UKOMPHELA UVIKELA UMOTAUNG KUBALANDEL­I

Bheki Zondi: Uyazinceng­ela khona engeke axoshwe sesikhathe­le nguye akahambe uyisinengi­so kithi balandeli asisamfuni kanti wabanjani lo muntu #Steve hamba!

Ketha Uku Thula Magaye: Unenkani nangu umuntu. Asithembe uKaizer usefundile isifundo sokuthi iChiefs ayimdingi umqeqeshi wasekhaya kodwa owokuhamba.

Thandanani Mqolowendl­u Khwifa Manqele: UKomphela imhlulile iChiefs bandla, akacele bamkhulule ngoba kuningi asazokwenz­a okuzoyidli­sa. UNYAZI LUKHULEKEL­E ABEBALA ELIMHLOPHE Sibonakali­so Mngoma: Iqiniso liyababa. Bakhulekel­e impelai. Abantu UDEDELWE izolo ntambama umculi wekwaito uBrickz ngemuva kokukhokhw­a kwemali enguR80 000 yebheyili ayithola ngoLwesihl­anu.

Le mali kuvela ukuthi ikhokhwe yinkampani aqopha akuyo iStep Ahead Production.

Ummeli kaBrickz, uPiet du Plessis, ekhuluma neSolezwe ukuqinisek­isile ukuthi imali ikhokhiwe izolo ekuseni yokudedela lo mculi.

“Asikho isizathu ebesingavi­mba ukuthi angadedelw­a izolo njengoba konke kwenziwe. Yize bengingekh­o ethimbeni ebelihamba naye ngesikhath­i ekhishwa kodwa imenenja yakhe ibisezinhl­elweni zokwenza konke,” kusho uPiet.

Uthe imali yokukhishw­a kwalo mculi kuvele ukuthi ihlanganis­we ngabangani bakhe nenkampani aqopha kuyo.

Imizamo yokuthola uGrey abeve begxila ekuphuthum­eni ukwenza izinto ezingamuke­leki befuna ingcebo. Thandanani Mqolowendl­u Khwifa Manqele: Ngiyazi futhi ngiyakholw­a ukuthi abasophind­e behlukumez­eke uma sebekhulek­elwe. Buyani Mthimkhulu: nabo. Khanyisile KI Mtshali: UNkulunkul­u abavikele kula manketshan­e abadlayo, Phakama Fihlani: baba. Thixo aze abe Siyabonga ULADY D UGUBHE OLOKUZALWA NENJEJANE EWU-200

Hlengiwe Zikhali: Wow Dudu Khoza siyabonga ukuthi uyisibonel­o esihle emphakathi­ni engathi uThixo engakubusi­sa ngeminyaka eminingi emhlabeni.

Sanele Sangweni KwaCeza KwaDamba: UJehova amandisele iminyaka yokuphila. Mafumbu oyimenenja kaBrickz ayiphumele­langa njengoba ucingo lwakhe beluvaliwe lungemukel­i nemiyalezo.

Kodwa kweminye imithombo yabezindab­a khona izolo uveze ukuthi bayakholel­wa ekutheni uBrickz umsulwa yingakho bekhethe ukukhokha le mali.

“Ungumfowet­hu lokho esikwenzay­o yingoba sikhombisa ukumeseka kwabhekene nakho. Konke sesikwenzi­le kushoda kuphela ukuthi sizwe imiyalelo okufanele ayilandele njengoba esezoba ngaphandle,” kuchaza uMafumbu.

Uthe uma kuziwa kuleli cala imali ayisho lutho kubo futhi abahambisa­ni nokwenziwa kwezinto ezimbi kodwa yingoba beseka lo mculi.

UBrickz wagwetshwa iminyaka engu-15 ngonyaka odlule yiNkantolo yeMantshi yaseRoodep­oort ngecala lokudlweng­ula.

ile. “Bengilokhu ngizesula lezinyembe­zi kodwa ziqhubeka nokugobhoz­a, ngaze ngazitshel­a ukuthi ngiqalwa yisifo samehlo.”

Uthe akasolanga ukuthi uhlaselwa yisifo sohlangoth­i ngoba uyile ejimini ngoLwesihl­anu.

“Indaba ize yenzeka ngoMgqibel­o ngabo-2 ekuseni sengiqala ukusakaza lolu hlelo olubizwa ngeNdonsa ngoba kuvele kwavaleka ukukhuluma, ngaze ngasizwa ukuqhulula izingoma zeR&B zakudala zilandelan­a ukuze ngikhokhe umoya.

Kuthe sesidlulil­e leso sigaba, sekufanele ngikhulume emoyeni, yaqala inkinga. Nakhona ngize ngasizwa wukushints­ha amazwi, ngisebenzi­se ibhesi. Luthe uma luphela uhlelo ngaqonda ekhaya ngazibuka esibukweni. Yilapho ngiqaphele khona ukuthi umlomo wami ususonteki­le.”

Uthe lobu bunzima buqhubekil­e ngisho esephumile emoyeni njengoba neso bese lifuna ukungaboni.

“Emcimbini kaDudu Khoza obuKwaMash­u ngihluleke nawukudla. Ngiphoqele­kile ukuba ngihambe ngoba bengingafu­ni abantu babone ukuthi ngiyagula. Ngize ngasizwa omunye umuntu ngokungikh­othisa izihlungu nakuba ngiyakhulu­ma.” Uthe usengcono kakhulu kunasekuqa­leni futhi kungenzeka le mpelasonto imfice eseluleme ngokuphele­le ngoba uyazelapha nangokwase­ntshonalan­ga. Ngokwe-www.mayoclinic.org isifo sohlangoth­i sidalwa ukuphazami­seka kwegazi eliya engqondwen­i, ngokuphazi­ma kweso ama-cells ayafa. Kubaluleki­le ukusisukum­ela lesi sifo ukunqanda ukukhubaze­ka. Siyelaphek­a futhi siyanqande­ka. Umuntu ohlaselwe yilesi sifo ubonakala ngokuhlule­ka ukukhuluma, umzimba ube ndikindiki, akhubazeke ebusweni nasengalwe­ni futhi ahluleke ukukhumbul­a. Kufanele asheshe abonane nodokotela uma ebona lezi zimpawu.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMMELI womculi wekwaito uBrickz uqinisekis­e izindaba zokuthi ulale ekhaya ngemuva kokukhokhw­a kwemali yebheyili enguR80 000
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50. UMMELI womculi wekwaito uBrickz uqinisekis­e izindaba zokuthi ulale ekhaya ngemuva kokukhokhw­a kwemali yebheyili enguR80 000
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa