Isolezwe

Bajuxuza ibe inwetshwa iMax’s Lifestyle

- FANELESIBO­NGE BENGU

BAJUXUZA kube kuqhuma ipiki nefosholo eceleni abantu abahambela iMax’s Lifestyle, eMlaza, njengoba le ndawo ithuthukis­wa.

Umnikazi waseMax’s Lifestyle, uMax Mqadi, utshele leli phephandab­a ngesikhath­i livakashel­e khona ukuthi inhloso yalokhu kuthuthuki­swa wukuthi indawo yakhe ibe sezingeni lomhlaba.

Uma uqhamuka khona kuvulwe uhhafu kanti omunye uhhafu uyalungisw­a. Kuvulwe nendawo yokuwasha izimoto enendawo yayo yokuhlala nokuthengw­a kuyo iziphuzo ebizwa ngeNkandla.

“Kuzoshaya iDurban July isiphelile. IDurban July yiwona mcimbi esizovula ngawo le ndawo. Sibone ukuthi indawo iba ncane, yingakho sithe asinwebe. Sakha indawo entsha yezicukuth­wane namathoyil­ethi amasha. Kubaluleki­le ukutshala ebhizinisi­ni ngoba nabantu bayatshala kulo,” kusho uMqadi.

Uthe lo msebenzi uzomudla uR4.5 million. Uthe njengoba indawo yakhe iheha izivakashi, ukubone kubaluleki­le ukuthi ayithuthuk­ise ukuze ikwazi ukwamukela wonke umuntu ngaphandle kwenkinga ngisho nabakhubaz­ekile.

“Sizama ukuthuthuk­isa ilokishi futhi ngigqugquz­ela nabanye osomabhizi­nisi ukuthi bakhe amabhizini­si abo elokishini. Ngokuwina umklomelo wokuba yindawo ephambili yokudla elokishini kukhombisa ukuthi kuyasebenz­eka. Saqala kuwumkhukh­u bheka manje kunjani.”

Unxuse abantu ukuthi bambekezel­ele. “Ngiyabonga kuhulumeni, uMasipala weTheku, umnyango oholwa uSihle Zikalala nabo bonke abeseka umbono. IGolden Arrows, Amazulu noShaun Mpisane neRoyal Eagles no-Irvin Khoza okunguyena engibukela kuye.”

Uthe uma sekuphelil­e wonke amagumbi azoba namagama awo. IVIP izobizwa ngeMzumbe kuthi phansi kube yiseZinqol­eni. “Ngiqhamuka khona ogwini oluseNingi­zimu.”

“Ngiyabonga nomakhelwa­ne ngokuseben­zisana kahle ngoba le ndawo ngeyabo. Nangendlel­a esisebenza kahle ngayo noMjey (Zama umnikazi waseYadini) kuhle. Akuyona indlela abantu abacabanga ngayo. UMjey yisihlobo sami.”

 ?? Isithombe: NDU NGCOBO ?? ITHIMBA labakhi baseMax’s Lifestyle uPacman Dlamini noJan Cornelesen beN&M Constructi­on bebuka iplani yokuthi indawo izoba njani nomnikazi wayo uMax Mqadi
Isithombe: NDU NGCOBO ITHIMBA labakhi baseMax’s Lifestyle uPacman Dlamini noJan Cornelesen beN&M Constructi­on bebuka iplani yokuthi indawo izoba njani nomnikazi wayo uMax Mqadi

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa