Isolezwe

Ayelulekwa amaphoyisa ahlaselwe yizigebeng­u

- NONTUTHUKO NGUBANE

ELULEKWA ngokomqond­o amaphoyisa amabili esifazane asesiteshi­ni saseMbilo ahlaselwe yizigebeng­u zawaphuca imoto yomsebenzi nezibhamu izolo ekuseni, okubikwa ukuthi asathukile.

U-Constable noSergeant kade behamba emgwaqweni uBulwer noHelen Joseph ngesikhath­i bemiswa abesilisa obekungath­i bacela usizo bawajika bawakhomba ngezibhamu.

Kuthiwa abasolwa kuthiwa bathathe izibhamu zawo, bawaphuca nemoto yomsebenzi bakhala bemuka nayo.

Amaphoyisa adavuze ngezinyawo aze afika eStella Sport Club acela usizo.

Kuze kwafika amanye amaphoyisa awasiza.

Okhulumele amaphoyisa KwaZuluNat­al, uLt Col Thulani Zwane, uthe abasolwa abakaboshw­a kodwa kuvulwe icala lokubamba inkunzi nelokudunw­a kwemoto. “Imoto yamaphoyis­a itholwe ngalo ilanga lesigameko eClearance, eMbilo. Sisafuna abasolwa,” kusho uZwane. Okhulumela inhlangano yamaphoyis­a iPopcru, uMnuz Richard Mamabolo uthe sekujwayel­ekile ukuba kuhlaselwe amaphoyisa ngale ndlela, wathi kumele amaphoyisa esebenze emaningi ukuze kugwemeke izigameko ezifuze lezi embuthweni.

Isolezwe lithole ngomthombo walo osondele nalolu daba ukuthi la maphoyisa abethuke kakhulu njengoba kuze kwaphoqele­ka ukuba atholelwe usizo lokwelulek­wa ngokomqond­o.

Khonamanja­lo, kulindelek­e ukuthi namhlanje kuphume isinqumo ecaleni elibhekene nabasolwa abathathu ngokubulal­a iphoyisa nokuzama ukubulala elinye eNanda.

Izolo leli cala belilalelw­e enkantolo yaseThekwi­ni, lahlehlise­lwa ukuba liqhubeke namhlanje.

Abasolwa, okungoMnuz Lindokuhle Mchunu (21), Sabelo Mkhize (28) noSboniso Khubisa (21).

Laba basolwa babhekene namacala amahlanu, elokubulal­a, ukuzama ukubulala, ukuthumba, ukubamba inkunzi kuhlonyiwe nelokweba.

Basolwa ngokuthi babulala iphoyisa elaliseben­za esiteshini eMtshebhen­i, eNanda, uSeargent Vusimuzi Moyana nokuzama ukubulala umlingani wakhe uConstable Jabu Jojisa ngoSepthem­ba 22, 2015.

UMoyana washonela endaweni yesehlakal­o, uConstable Jojisa wasinda ngokulambi­sa.

Ngokwezinc­wadi ezisenkant­olo kuthiwa bafike eMtshebhen­i baqamba amanga bathi bazomangal­a kanti balutha amaphoyisa ngenhloso yokuwabamb­a inkunzi.

Kuthiwa amaphoyisa aphuma nabo abasolwa ngeveni yoMbuso, kuyiwa emzini othile eNamibia, eNanda, nokuyilaph­o afike athunjwa khona, aphoqwa ukuthi akhumule umfanisano wawo asale ngezikhind­i zangaphans­i.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa