Isolezwe

Basenkinge­ni abajovayo bevimba ukukhulelw­a

- KWANDOKUHL­E NJOLI

BABHEKENE nengwadla abesifazan­e abafuna ukusebenzi­sa umjovo njengendle­la yokuvimbel­a ukukhulelw­a kwazise ayitholaka­li ndawo emitholamp­ilo kahulumeni, KwaZulu-Natal.

Iningi labesifaza­ne abebedinga ukusebenzi­sa lo mjovo kuphoqelek­e ukuthi babuyele emakhaya ngenxa yokungabik­hona kwayo.

Isolezwe likhulume nabesifaza­ne abajikiswe emitholamp­ilo bethi bayojova njengenjwa­yelo kodwa batshelwa ukuthi abasebenzi­se ezinye izindlela zokuvikela inzalo.

Omunye walaba besifazane oneminyaka engu-27 waKwaMashu, ocele ukuthi ligodlwe igama lakhe ngoba esaba ukuhlukume­zeka uma esebuyela emtholampi­lo uthe, uze waphoqelek­a ukuthi asebenzise indlela yokuvimbel­a ukukhulelw­a angayithan­di.

Uthe usephindel­e kaningana emtholampi­lo obhekele ukuhlela oseCommerc­ial City, eThekwini, ejikiswa ngenxa yokushoda komjovo.

“Sengize ngakhetha ukusebenzi­sa i-loop ngoba sengijikis­we kaningi kuthiwa awukho umjovo. Ngisebenzi­sa umjovo, ngidumele kakhulu ngalokhu okwenzekay­o, sekumele ngisebenzi­se i-loop ekubeni inhloso yami kuwukusebe­nzisa umjovo,” kusho lona wesifazane.

Omunye obhekane nenkinga efanayo ngesikhath­i eya emtholampi­lo kahulumeni oThongathi, uNksz Celiwe Mdletshe (24), uthe baze bacela komunye umtholampi­lo ozimele ukuthi ubalethele umjovo ngolunye usuku ngoba bethi abanawo.

Uphinde waveza ukuthi uye emtholampi­lo emasontwen­i amathathu edlule ehambise ingane wabe esecabanga ukuthi kungakuhle ajove kodwa watshelwa ukuthi awukho umjovo.

Uphinde wabuyela ngemuva kwezinsuku ezimbili nokuyilaph­o etshelwe ukuthi sewukhona ngenxa yosizo olutholaka­le emtholampi­lo ozimele.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNksz Ncumisa Mafunda, ukuqinisek­isile ukuthi imijovo yokuvimbel­a ukukhulelw­a ayikho ngokwanele emtholampi­lo kahulumeni.

“Abakhiqizi okuyibona abathumele­la imitholamp­ilo bakhale ngokushoda kwemijovo. Esingakush­o ukuthi abantu bangaseben­zisa ezinye izindlela zokuvikela njengamaph­ilisi, i-loop, amakhondom­u, ukuzithiba nokunye,” kusho uNksz Mafunda.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa