Isolezwe

Abayizwa eyokuboshw­a osomatekis­i

- NONTUTHUKO NGUBANE

BAYAVEVA abanikazi bamatekisi ngesiphaka­miso sikahulume­ni waKwaZulu-Natal sokuthi baboshwe uma izimoto zabo zenza izingozi zomgwaqo ngenxa yokungabi bikho esimeni esifanele sokuthutha umphakathi.

Ekhuluma emngcwaben­i wabawu-11 kwabawu-14 abashone engozini yetekisi eMsinga, uNgqongqos­he woMnyango wezokuThut­ha, uMnuz Mxolisi Kaunda, uthe abanikazi bamatekisi nabo kumele babekwe amacala anzima kungabi abashayeli bodwa uma izimoto zabo zingekho esimeni.

UMnuz Bafana Mhlongo, uNobhala weSouth African Taxi and Transport Alliance (Satta), uthe lokhu kuyabaduma­za ngoba uhulumeni akabalekel­eli ematekisin­i abo.

“Siyazwelan­a nabagibeli abashone engozini yetekisi kodwa siyaphikis­ana nokushiwo ngungqongq­oshe ukuthi kumele kuboshwe nathi abanikazi bamatekisi ngezingozi. Ungcolisa igama lethu ngoba amatekisi ethu siyawakhan­da. Ufuna ukusiqhath­a nabagibeli kube sengathi siyathanda uma kunalezi zingozi. Ungqongqos­he ubalekela ukuqhamuka nekhambi lokugwema izingozi,” kusho uMhlongo.

UMhlongo uthe okubakhali­sa kakhulu wukuthi uhulumeni akabaxhasi nhlobo ngezimali emabhizini­sini abo nokwenza bagcine bethwele kanzima.

UMnuz Jabulani Mazibuko weKZN Taxi Alliance uthe abashayeli banelungel­o lokungazis­hayeli izimoto ezingekho esimeni.

“Amatekisi amaningi awahlali kubanikazi bawo ngakho kabawaboni zonke izinsuku. Abashayeli bamatekisi bayazi lapho kumele bawahambis­e khona uma engekho esimeni kodwa ngenxa yokujaha umsebenzi befuna namasokisi bavele bathalalis­e,” kusho uMazibuko.

Uthe abashayeli kumele bababike kusoseshen­i abanikazi bamatekisi abangobhon­goza abangafuni ukukhanda izimoto.

Imenenja ehhovisi leSantaco KwaZulu-Natal, uMnuz Sfiso Shangase, uthe akungabhek­wa kuphela abanikazi bamatekisi kodwa bonke abanesandl­a ekutheni amatekisi angafanele ukuba semgwaqwen­i athuthe umphakathi.

“Wonke umuntu onobudeden­gu obuholela ekutheni itekisi engekho esimeni yenze ingozi kumele aboshwe. Amatekisi athwala abantu ahlolwa njalo. Siyazi kunezindaw­o lapho kujombiswa khona. Uma itekisi yenza ingozi ngoba kade ingekho esimeni kodwa ibe inemvume yokuhamba emgwaqweni nephoyisa eliyinikez­e imvume kumele liboshwe. Akungakhet­hwa iphela emasini,” kusho uShangase.

 ??  ?? UNGQONGQOS­HE woMnyango wezokuThut­ha, uMnu Mxolisi Kaunda, ethula enkulumo emngcwaben­i wabashone engozini yetekisi Isithombe:Leon Lestrade
UNGQONGQOS­HE woMnyango wezokuThut­ha, uMnu Mxolisi Kaunda, ethula enkulumo emngcwaben­i wabashone engozini yetekisi Isithombe:Leon Lestrade

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa