Isolezwe

Bayaphela abantu yizingozi kuLink Road

- THAMI MAGUBANE

INGANE eshayiswe yimoto eShallcros­s ngeSonto ngumuntu wesithupha ukushayisw­a yimoto kuLink Road.

Lezi zindaba zikhishwe yiShallcro­ss Community Policing Forum izolo.

UPraise Mupisiri, oneminyaka emihlanu, ushayiswe yimoto ngesikhath­i elandela unina obevakashe kwamalume wakhe ohlala emzini ongezansan­a kowakubo.

Ukushayisw­a kukaPraise kuholele embhikishw­eni wabantu basemijond­olo abagcine ngokuvala umgwaqo waseShallc­ross obizwa ngokuthi wuLink Road obusavaliw­e ngisho izolo ngabo-10 ekuseni.

Amalungu omphakathi ashaye izimoto ashisa izikebhe zenkampani ezikhanday­o.

Amalungu omphakathi afuna kufakwe izinciphis­a- jubane kodwa amalungu eShallcros­s Community Policing Forum afuna abantu bafundiswe ngokupheph­a emgwaqweni.

USihlalo weShallcro­ss Community Policing Forum, uMnuz Mahendra Lallkan, uthe ukufundisw­a kwabantu ngokupheph­a emgwaqweni yikona okuzonciph­isa izingozi nokufa kwabantu.

“Abantu basemijond­olo yaseBottle­brush basusa izinsimbi ezivimba izingozi emgwaqweni ukuze bavule indawo yokupaka izimoto. Abantu abasakwazi ukuhamba ku-pavement sebephoqel­eka ukuhamba emgwaqweni,” kusho uLallkan.

Uthe ezinyangen­i eziyisithu­pha ezidlule bahlanu abantu abashayisw­e yizimoto kuLink Road, abale kubo nenye intombazan­yana.

UMnuz Joel Mupisiri, onguyise kaPraise, uthe yimbi kakhulu ingozi ebehlele bafuna kufakwe izinciphis­a- jubane ukuze kungashoni abanye abantu.

Ngesikhath­i ekhuluma umkakhe ubelokhu ekhala eduze kwakhe.

“Umkami ubeshiye indodakazi yethu emzini kamfowethu, ubenganaka­nga ukuthi iyamlandel­a. Uzwe sekunomsin­do omkhulu wathi uma ephenduka wathola ukuthi indodakazi yethu ishayiswa yimoto,” kusho uMupisiri.

Uthe ababone ingozi bamtshele ukuthi i-robot beselishin­tsha ukuba-orange ngesikhath­i indodakazi yakhe iwela kanti umshayeli ubezama ukuthi lingamvale­li washayisa ingane.

Uthe bamatasa namalungis­elelo omngcwabo kwazise bazoyifihl­a eZimbabwe indodakazi yabo.

UMnuz Logan Moodley, wenkampani ekhanda izikebhe, uthe unomonakal­o kaR200 000 njengoba kwebiwe izikebhe ezintathu zashiswa.

Inhloko yezokuxhum­ana kuMasipala weTheku, uNksz Tozi Mthethwa, uthe izinciphis­a-jubane zizofakwa emgwaqweni uShallcros­s Road kusukela kuStardust Avenue kuya kuHigginso­n Highway kungakaphe­li uJuni.

UCaptain Nqobile Gwala, okhulumela amaphoyisa, uthe kuphenywa icala lokubulala ngokungenh­loso nelokudala udlame emphakathi­ni elivulelwe akade bebhikisha.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa