Indoda iboshwe izama ukugwaza
KUBOSHWE indoda ebigwazela amaphoyisa izama ukucima icala okuthiwa ihlanganiswa nalo lokunyamalala komzukulu wayo isidumbu sakhe esitholakale sesonakele ngoLwesihlanu.
Umndeni kaMnuz Thulani Khanyile (28) ubuvele usola uyisemkhulu mayelana nokunyamalala kwakhe ngenyanga edlule. Isizathu sokubulawa kwakhe asikaziwa.
Uyisemkhulu kamufi (54) ongusomatekisi, uboshwe ngeSonto eNquthu, emuva kokuba ezame ukugwazela amaphoyisa ngoR20 000.
Izolo umdeni kaThulani ubuyokhomba isidumbu sakhe emuva kokutholakala kwaso eduze nomgwaqo ngoLwesihlanu.
Uninalume kamufi, uMnuz Qaphela Khanyile, uthe basadidekile ngenxa yokuthi bawumndeni noyisemkhulu kamufi futhi bebengenelana kungenangxabano.
Uthe umufi wayesesitolo ngesikhathi ethunjwa ngamadoda ayehamba ngemoto.
Uthe abangani bakhe ababona imoto bathi kwakukhona noyisemkhulu phakathi, okumenza abe ngumsolwa ecaleni.
Umufi wanyamalala ngoMashi 2.
UKhanyile, othe umsolwa unguyise omncane, uthe ubeziphika izinsolo zokuthi ubesemotweni eyathumba umzukulu wakhe.
“Ubelokhu ecindezwa ngabafowethu abasebenzisana nomphakathi ukulwa nobugebengu. Bamtshele ukuthi uma singatholakali isidumbu somfana kungakashayi uMgqibelo odlule, uzowukhomba umuzi onotshwala. Babuye bamelukela icebo ubaba omncane kwabe sengathi amaphoyisa azoyamukela imali yokugwaza. Ubesehambisa imali yokugwaza ngesikhathi eboshwa ngeSonto,” kusho uKhanyile.
UKhanyile uthe ngempelasonto amaphoyisa abazise ngesidumbu esitholakele abebesola ukuthi ngesikaThulani.
“Besivele sisola ukuthi ngesakhe isidumbu ngoba amaphoyisa achaze izingubo ayenyamalale ezigqokile. Uninakhulu nezinye izihlobo bafike baqinisekisa ukuthi ngesakhe isidumbu. Kubonakala sengathi wabulawa kwenye indawo futhi sisola sengathi umbiwe esegqitshiwe ngoba isidumbu besinenhlabathi. Sisola ukuthi isidumbu simbiwe sazolahlwa ngoLwesihlanu ngoba sekunengcindezi yokungatholakali kwaso,” kusho uKhanyile.
UKhanyile uthe yize singakaqinisekiswa isizathu sokubulawa kukaThulani, kukhona izinkulumo nezinsolo abasazicubungula bewumndeni.
Kuthiwa umsolwa unamatekisi ayisikhombisa eGoli kodwa ubesemningi ekhaya eNquthu.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenantColonel Thulani Zwane, uthe umsolwa uvele izolo eNkantolo yeMantshi eDundee kodwa ibingakatholakali imininingwane yecala.
“Umsolwa ongumnikazi wamatekisi, uboshelwe icala lokugwaza nokuphazamisa ukusebenza komthetho. Icala lisukela ekunyamalaleni komuntu kokuzama kwakhe ukugwazela amaphoyisa,” kusho uZwane.
Umndeni kamufi uthe usalinde ukuhlolwa kwesidumbu ukuthola umbiko ogcwele nokuthi asicwiywanga yini njengoba kunalezo zinsolo.