Isolezwe

Sekuphele inyanga enyamalele

- INTATHELI YESOLEZWE

UDIDEKILE umndeni wowesifaza­ne (22) waKwaSanti, eMariannhi­ll, okuthiwa sekuphele inyanga enyamalele.

Umndeni kaNksz Mbali Peggy Ngwane osekuphele inyanga enyamalele emuva kokuthi ehambe ethi uya edolobheni usaphithen­e ngokunyama­lala kwakhe.

Uninakhulu, uNkk Elizabeth Biyela (63), uthe indodakazi yakhe ihambe ngoMashi 16 ntambama. Kuthiwa yahamba igqoke ibhulukwe elimnyama neshethi eliwolints­hi nejakhethi emaroon.

“Watshela ingane yakubo enye ukuthi uya edolobheni, sazitshela ukuthi uzobuya. Uthe uma engabuyi sazitshela ukuthi uye esokeni lakhe. Okusixakay­o wukuthi akahambi isikhathi eside kangaka uma eya kulona. Uyaye ahambe impelasont­o eyodwa ekupheleni kwenyanga,” kusho uNkk Biyela.

Uthe okunye okubakhath­azayo wukuthi nesoka lakhe okuyilo abasuke bazi ukuthi uye kulona nalo lithi kalimazi.

Uma belishayel­a ucingo lomzukulu wakhe lungena kuvoicemai­l.

Uthe akasalali ebusuku ngoba ucabanga ngokuthi ngabe unjani umzukulu wakhe osekuphele isikhathi esingaka enyamalele.

Uthe njengoba enyamalele ushiye indodana yakhe eneminyaka emithathu angavamile ukuyishiya isikhathi eside.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Col Thulani Zwane, uthe amaphoyisa anxusa umphakathi ukuthi usize ngokunyama­lala kukaMbali.

UZwane uthe abanolwazi abathinte uWarrant officer JB Sthebe wesiteshi samaphoyis­a saseMarian­nill ku- 073 190 1442 noma bathinte inombolo yokubika izigameko zobugebeng­u ku- 08600

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? UMBALI Peggy Ngwane okuthiwa sekuphele inyanga edukile
Isithombe: SITHUNYELW­E UMBALI Peggy Ngwane okuthiwa sekuphele inyanga edukile

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa