Isolezwe

Kuhlomule nesifunda uMlaza kwezenze kahle kwa-matric

- MHLENGI SHANGASE

SIBUYE nezindondo ezintathu isifunda uMlaza kuklonyeli­swa izifunda ezenze kahle kwa-matric nyakenye.

Lesi sifunda sibuye nendondo yokulala isibili ngokwenza kahle kwiMaths kwa-matric, kwiSayensi saphinde salala isibili ngokukhiqi­za amaBachelo­r (okwenza ukuthi abafundi bangene emanyuvesi) ezifundeni ezingu-83 kuleli.

Kwenzeka lokhu nje akukapholi maseko kusule obenguMqon­disi walesi sifunda uMnuz Bheki Ntuli ekhala ngokuhluku­nyezwa yiSadtu ebifuna adedele izikhundla zothishanh­loko, amaphini othishanhl­oko nezinhloko zeminyango.

UNgqongqos­he weMfundo eyisiSekel­o, uNkk Angie Motshekga, uklomelise izifunda ezenze kahle eGoli ngempelaso­nto.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe minyaka yonke baklomelis­a izifunda ezenza kahle. Uthe abaqondisi bezifunda bawumgogod­la wezemfundo ngoba yilapho kusuke kwenzeka khona umsebenzi.

IMenzi High, eseMlaza, okuyisikol­e osekuphele iminyaka sithola u-100% kwa-matric, sidle umhlangani­so ezikoleni ezingoQuin­tile 4 ngokwenza kahle kwamatric ukuzidlula zonke izikole zakuleli.

Izikole zakuleli zikleliswa ngokwama-Quintile, zisuka ku-1 okuyizikol­e ezisemakha­ya nasemaloki­shini kuya ku-5 okuyizikol­e iningi lazo ezisuke zisemadolo­bheni.

UNtuli uthe kusho lukhulu ukuthi isifunda abesipheth­e senze kahle kakhulu. Uthe ukulala isibili iminyaka ilandelana kwiMaths neSayensi kusho lukhulu ngoba yizifundo ezidingeka kakhulu.

“Ngingajabu­la uma abantu bengahlazi­ya kahle imiphumela ngoba akukhona nje kuphela ukuphuma unombolo 1 kodwa kuningi okusuke kukhona. UMlaza mkhulu ukudlula ezinye izifunda zihlangani­siwe ngakho kunomthele­la. Ngizizwa ngithobeki­le ukuthi ngishiye umgqigqo omuhle kulesi sifunda ngokuthi noma besinabafu­ndi abevile ku-20 000 abebefunda u-matric kodwa senze kahle kuzwelonke salala isibili uma uqhathanis­a izifunda ezingu-83,” kusho uNtuli.

Ubongele neMenzi wathi noma engasekho kwezemfund­o kodwa uyaziqheny­a ngokuthi bakhetha uthishanhl­oko ofanele.

“Kuyangijab­ulisa ukuthi uthishanhl­oko okhona uyibambile uqhubeka lapho ashiya khona uMshololo (Felix owashona). Lokhu kusenza siziqhenye ngemiphume­la yaseMenzi ngoba ithola u-100%. Ozakwethu abaqhubeke bayibambe ishisa uMlaza uqhubeke nokwenza kahle,” kusho uNtuli.

Uthishanhl­oko waseMenzi, uNksz Muntu Ntombela, ubonge othisha wathi basebenza kanzima ukuqinisek­isa ukuthi kuphasa wonke umfundi.

“Ngimangele simenyezel­wa njengabenz­e kahle ku-Quintile 4, sathola indondo nesitifike­ti. Ngokwenza kahle kwesikole ngimenywe ukuthi ngiye e-England engqungqut­heleni ethinta ukuphathwa kwezikole,” kusho yena.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa