Umkhankaso wesiShayamthetho oLundi
IMEYA yoMkhandlu waseZululand uMfundisi Thulasizwe Buthelezi ithi sebeqale umkhankaso wokubuyisela oNdini isiShayamthetho saKwaZulu-Natal ngenhloso yokuthuthukisa umnotho wesifunda.
Ekhuluma esidlweni sasekuseni nosomabhizinis eGarden Court Hotel, oLundi izolo, uButhelezi uthe balahlekelwa yizigidigidi zemali ngokusuka kwesiShayamthetho eZululand.
“Ukuba khona kwesiShayamthetho oNdini bekufaka imali engangoR27 billon ngesabelomali kodwa lokho akusenzeki, yingakho sesiqale umkhankaso wokuzama ukusibuyisa isiShayamthetho,” kusho uButhelezi.
Uthe bazowuqinisa kakhulu lo mkhankaso njengoba sekubhekwe okhethweni lukazwelonke ngonyaka ozayo.
“Sizoqala uhlelo lokusayinisa abantu abangu-1 million, abazobe bethi bafuna isifundazwe sibuyiselwe oLundi,” kusho uButhelezi.
IPhalamende laKwaZul-Natal belisoLundi phambilini ngesikhathi kusabusa i-IFP kwathi sekuphethe i-ANC yalithuthela eMgungundlovu.
Uthe iningi imali engangena eZululand uma isiShayamthetho singabuyela khona.
UButhelezi uphinde waveza nokuthi bahlela ukuvuselela kabusha isikhumulo sezindiza oLundi ngenhloso yokuthuthukisa ezokuvakasha.
“Baningi abantu abasebenzisa isikhumulo sezindiza sethu, uma singavuselelwa ngiyathemba ukuthi singanyuka isibalo sabantu abasisebenzisayo,” kusho uButhelezi.
Uphonsele inselelo osomabhizinisi bendawo, wathi kumele babambe iqhaza ekwakhiweni kwendawo ezosingatha imicimbi esezingeni eliphezulu okuhlelwa ukuthi ibe sesikhumulweni sezindiza.
“Kukhona futhi elinye ibhizinisi esengilibonile, lapha esikhumulweni sezindiza, ayikho indawo eyisitolo lapho umuntu engathola khona amanzi noma itiye, osomabhizinisi bethu kumele bayibhekisise leyo,” kusho uButhelezi.
Ubalule imikhakha emine okungowezokuvakasha, ezolimo, amanzi nokuthuthwa kwendle nezobuchwepheshe njengezindawo abazofaka kakhulu imali kuzona eZululand.
“Kuzomele osomabhizinisi bethu bayifakele izibuko le mikhakha uma ungekho kuyona isitimela sizokushiya usale umile,” kusho uButhelezi othe bazibophezele ekusebenzisaneni nosomabhizinisi bendawo ngenhloso yokubafukula.
“Umgomo wokuguqulwa kwezisekelo zomnotho sizowuqinisa lapha eZululand. Sifuna amathuba athathwe osomabhizinisi bendawo hhayi ukuthi kusuke abantu eThekwini bezozitamuzela imisebenzi oLundi ngoba nani niyavinjwa eThekwini kuthiwe buyela ngaphesheya koThukela,” kusho uButhelezi.
Uthe bazoqala uhlelo lokuqoqa imininingwane yosomabhizinisi bendawo ngaphansi kohlelo iSithembe olubhekela kakhulu labo abasafufusa.
“Kulo mqulu wosomabhizinisi abasafufusa sifuna izinkampani ezinkulu ezizothola imisebenzi zibambisane nalezi ezincane ezizobe zikulo mqulu ukuze nazo zizothola amava ziphinde zikwazi ukukhula,” kusho uButhelezi.