Uphenyo ngezikhulu zoMkhandlu waseZululand
INHLANZI ishelwe ngamanzi kwabayizikhulu zoMkhandlu waseZululand abangosomabhizinisi osekuqalwe uphenyo ngabo.
Kube nemibiko ethi ezinye izikhulu zalo mkhandlu zibanga amathenda nosomabhizinisi nokuholele akutheni kuqalwe uphenyo.
IMeya yoMkhandlu waseZululand, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ithe bayazi ukuthi kukhona izikhulu ezingaphakathi emkhandlwini ezibuye zijahe amathenda aphuma kumasipala.
“Sekuqalwe uphenyo olunzulu ngenhloso yokuziphenya ibheshu lezo zikhulu, kuzothi labo abathintekayo bathathelwe izinyathelo ezifanele,” kusho uButhelezi.
Omunye wosomabhizinisi uphakamile wathi banenkinga ngezikhulu ezithile kumasipala ezibabangisayo emathendeni asuke ephumile.
Usomabhizinisi uthe izikhulu zibuye zisebenzisane nosomabhizinisi abathile abazigwazelayo.
UButhelezi uveze nokuthi bazowashintsha ama-consultants amadala bafake amasha ngoba bese kukhona osomabhizinisi asebenzisana nabo bodwa.
“Sifike lapha eZululand kuthi uma kuphuma ithenda ethile kube sekwaziwa ukuthi izotholwa ngubani ngenxa yenkohlakalo ebikhona, manje siphelile leso sikhathi izinto sezizohamba ngendlela,” kusho uButhelezi.
Uthe kukhishwe ithenda engaphezu kukaR102 million yokwakha amathoyilethi yanikezwa inkampani eyodwa wafike wayimisa.
“Ngithe ayikwazi ukwenzeka into enjalo, lo msebenzi kumele ucazwe ukuze kuhlomule abantu abaningi. Kukhona futhi nenye ithenda kaR140 million eyanikwa inkampani yasePinetown esidalele amatwayitwayi kuMcwaningimabhuku naye wakugcizelela ukuthi kumele uma kunemisebenzi emikhulu kuhlonyuliswe nabantu bendawo,” kusho uButhelezi.
Uveze nokuthi bakha idamu elikhulu elizoba KwaNongoma elizosiza ngokuphakela izingxenye ezithile esifundeni sabo.
Uthe ukwakhiwa kwedamu kuzobiza uR550 million.