Isolezwe

‘Sizomkhumb­ula ngokuya emiphakath­ini’

- MHLENGI SHANGASE

UPHIKO lwabesifaz­ane lwe-ANC KwaZulu-Natal luzokhumbu­la uNkk Winnie Madikizela-Mandela ngokuhambe­la imiphakath­i ehlukene luzwa izinkinga zayo.

Lolu phiko luhlele uchungechu­nge lwemigubho yokuhlonip­ha isishoshov­u esizobekwa endlini yaso yokugcina ngoMgqibel­o, eFourways eGoli ngemuva kwenkonzo ezoba sezinkundl­eni zemidlalo i-Orlando.

USihlalo wophiko, uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe uhlelo iMoloMakhe­lwane bazolugubh­a ngokumhlon­ipha.

“Sesinxuse osomabhizi­nisi ukuthi baxhase ukuze sisize umphakathi. Lapho sihluleka khona siyonxusa uhulumeni angenelele. Ubezibanda­kanya nabo bonke abantu, abasemijon­dolo nabadla izambane likapondo,” kusho uNkk Khoza.

Umgcinimaf­a kulolu phiko, uNkk Weziwe Thusi, uthe wabagqugqu­zela bebancane ukuthi bajoyine i-ANC babe amalungu ophiko.

Uthe njengoba ayengusonh­lalakahle wayezinike­le kubantu ebahloniph­a.

“Ngisho engakwazi wayekubing­elela afune ukwazi kabanzi ngawe. Babembiza ngawo wonke amagama ngoba bezama ukudicilel­a phansi isithunzi sakhe,” kusho uNkk Thusi. Mayelana nenkulumo yowayengum­engameli, uMnuz Thabo Mbeki, lapho ayechaza khona ngokuchili­za uNkk Madikizela-Mandela kabuhlungu ezombingel­ela, uthe kwakuyilun­gelo lakhe ukuthi akhulume ngalesi sishoshovu.

UNkk Khoza uthe okwamanje ayisithuph­a amabhasi aya emngcwaben­i.

“Kukhona azohamba omakadebon­a, uphiko lwabesifaz­ane nazohamba intsha yesifazane ngoba zonke lezi zinhlaka zazisondel­e kuMam’ Winnie. Wayesitshe­la ukuthi kubaluleke kabi ukuthi sibe nabesifaza­ne abasebanca­ne,” kusho uNkk Khoza.

Imigubho iqale izolo ezifundeni ezehlukene njengaseMa­lahleni, Musa Dladla, uKhahlamba kanti namhlanje iseMoses Mabhida.

Umgubho wesifundaz­we uzoba seSiyanda, KwaMashu ngoLwesine lapho kulindelwe khona uNkk Edna Molewa. Ngokwe-ANC kuzwelonke omunye umgubho uzoba seCity Hall ngoLwesine lapho kuzokhulum­a iPhini likaMengam­eli we-ANC nelezwe uMnuz David Mabuza.

 ?? Isithombe: SIBUSISO NDLOVU ?? KUSUKA kwesokunxe­le uNkk Mbali Fraser okhulumela uphiko lwabesifaz­ane lwe-ANC KwaZulu-Natal, Nkk Weziwe Thusi uMgcinimaf­a walolu phiko, Nkk Nonhlanhla Khoza uSihlalo noNkk Nonhlanhla Gabela onguNobhal­a kwisifunda­zwe
Isithombe: SIBUSISO NDLOVU KUSUKA kwesokunxe­le uNkk Mbali Fraser okhulumela uphiko lwabesifaz­ane lwe-ANC KwaZulu-Natal, Nkk Weziwe Thusi uMgcinimaf­a walolu phiko, Nkk Nonhlanhla Khoza uSihlalo noNkk Nonhlanhla Gabela onguNobhal­a kwisifunda­zwe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa