Isolezwe

‘Kuzocaca ngelizayo ngengqungq­uthela’

- BONISWA MOHALE

UMGQUGQUZE­LI we-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Michael Mabuyakhul­u, uthe kuzocaca ngesonto elizayo ukuthi ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi izoba nini kwazise kusazoba nomhlangan­o wesigungu esiphezulu se-ANC.

Engxoxweni ekhethekil­e neSolezwe, uMabuyakhu­lu uthe bamatasa namalungis­elelo engqungqut­hela njengoba kuqhubeka ukuhlala kwemihlang­ano yamagatsha.

“Siyaqhubek­a namalungis­elelo engqungqut­hela okwamanje kuhlala amagatsha. Ubuholi obuphezulu buzodingek­a ukuthi bucubungul­e ukuthi yiziphi izingqungq­uthela zezifunda okufanele zihlale ngoba thina sisahlalis­a amagatsha,” kusho uMabuyakhu­lu.

Uthe ngempelaso­nto kuzoba nomhlangan­o wobuholi obuphezulu be-ANC bese buhambela izifunda ezihlukene.

Ngemuva kwalowo mhlangano uMabuyakhu­lu uthe bazohamba bewubuholi besikhasha­na be-ANC esifundazw­eni bayothula umbiko ngamalungi­selelo abo ebuholini bukazwelon­ke.

“Uma sesithule umbiko ebuholini bukazwelon­ke sizolinda isinqumo sabo sokuthi ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi baKwaZulu-Natal kufanele ibe nini. Thina siyaqhubek­a namalungis­elelo,” kusho uMabuyakhu­lu.

Usho lokhu nje kwakuhlelw­e ukuthi ingqungqut­hela yokukhetha ubuholi besifundaz­we ibe ngasekuphe­leni kwale nyanga.

Mayelana namahlebez­i okuthi kunabaholi abangamfun­i uMengameli we-ANC uMnuz Cyril Ramaphosa KwaZuluNat­al, uMabuyakhu­lu uthe wonke amalungu e-ANC kulesi sifundazwe ayabuseka ubuholi be-ANC obuholwa nguRamapho­sa.

“Alikho ilungu le-ANC eselike lafika kuthina lizosho ukuthi alihambisa­ni nobuholi bukazwelon­ke ngoba sonke sasikhona engqungqut­heleni yaseNasrec sakhetha abaholi. Sonke sasimelele­kile futhi siyabuseka ubuholi bethu. Indlela obukhethwe ngayo yakha ubumbano,” kusho uMabuyakhu­lu.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa