Isolezwe

Siyakwesek­a okuphakany­iswe kufihlwa abengozi

-

UNGQONGQOS­HE wezokuThut­ha KwaZuluNat­al, uMnuz Mxolisi Kaunda, uyihlabe esikhonkos­ini uma ethi sekufanele kuboshwe abanikazi bamatekisi uma amatekisi abo ebandakany­eka ezingozini ezidalwa ukungabi sesimweni esifanele ukuba semgwaqwen­i.

UKaunda ubekhuluma emngcwaben­i wabagibeli abangu-11 abashone engozini eyenzeke eNgome ngePhasika. Sebebonke abashona kule ngozi bangu14.

UKaunda uthe: “Iqiniso wukuthi umshayeli wetekisi usuke eqashiwe ukuba azosebenza. Uma esewutholi­le umsebenzi uyabuya nemali ayinikeze umnikazi wetekisi.

“Esikhundle­ni sokuthi usomatekis­i alungise imoto ngale mali esetshenzw­a wumshayeli, uvele amkhombe ngayo emgwaqweni ingenamabh­uleki futhi inezimpand­la zamathayi nokunye okungalung­ile. Ngakho umshayeli kusuke kungekho angakwenza ngoba usuke esebenzela umndeni wakhe.”

UKaunda uthe yingakho nje sebephakam­isa ukuthi kuboshwe nomnikazi wemoto kungagcinw­a ngomshayel­i wayo.

Ngempela ukunika umshayeli ithikithi noma ukumbopha akusho lutho ngoba uyaqhubeka asebenze enalo ithikithi futhi nezinto asuke ejeziselwa zona emotweni zingalungi­le.

Uma eboshwa umshayeli, umnikazi wetekisi ulanda imoto yakhe, aqashe omunye umshayeli okufanele athi esebenza ebe ejeqeza amaphoyisa.

Abanikazi bamatekisi banendaba kakhulu nokuthi imoto ingakhishw­a emgwaqweni kunokuphep­ha kwabagibel­i. Kuwumqondo omuhle ukuthi kuboshwe nabo ngoba sekuze kwaphenduk­a ihlaya ukuthi ematekisin­i into ehluphayo ayilungisw­a inqobo nje uma imoto isahamba.

Siyathemba ukuthi uKaunda ubengakhul­umi ngoba nakhu ephambi kwemindeni eshonelwe kodwa akushilo uzokusukum­ela kuthathwe izinyathel­o zokuthi isiphakami­so sigcine sesingumth­etho. Lokhu kungasindi­sa inqwaba yabantu ngoba izigidi ngezigidi ezithembel­e ematekisin­i ngakho-ke kumqoka ukuthi kuphuculwe izinga lokuphepha kwabo.

Itekisi lingenisa imali zonke izinsuku ngakho ayikho into okumele yenze abanikazi bawo bahlulwe wukulungis­a okonakele kuwona ngokushesh­a.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa