Isolezwe

Umgonqo wumkhuleko nokuzila okumiselwe isikhathi esifushane

- Kuloba uKHENANI MAKHOBA

NGOKWEDLUL­E sathembisa ukukhuluma ngemigonqo. Umgonqo wumkhuleko nokuzila okumiselwe isikhathi esifishane. Umkhuleko wokufundis­a nokukhulis­a umuntu. Ngolimi lwanamhlan­je singathi umgonqo yikilasi. Umgonqo wokuqala kulapho ingane izelwe. Unina kuthiwa usezibini. Uhlala amasonto amathathu ezibini lapho ezele intombazan­e. Uhlala amasonto amabili uma kungumfana. Umuntu uzalwa engcolile ngakho-ke usuke ehlanzwa kulezi zinsuku. Futhi uzalwa ebuthakath­aka. Usuke eqiniswa kulesi sikhathi. Kunendlu ahlala kuyo nengane yakhe ngesikhath­i sokuzila.

Ingane isuke isathambe ukhakhayi kungamele yelekwe ngabantu abalukhuni ikakhuluka­zi abesilisa. Umuntu uvikelwa efika nje emhlabeni. Nomdlezane usuke ebuthakath­aka. Kulesi sikhathi akabonwa yilanga; uyaphekelw­a, ulethelwa izinto ehlezi ndawonye. Ubani owathi abantu besifazane abanakekel­wa esiZulwini? Uma kunjalo kungani ingane yentombaza­ne ihlala isikhathi esithe xaxa kunesomfan­a ezibini? Kungoba ibuthakath­aka kakhudlwan­a.

Umgonqo wesibili kulapho intombazan­e ingena ezinsukwin­i zayo. Umgudu nochungech­unge lokuzaleka komuntu kuyaziswa esiZulwini. Kugcwalisw­a izwi elithi “zalanani nande”. Akugcinwa kuleli lizwi kepha kubhekwa nokuthi “zalanani kanjani?” Lokhu kucophelel­a uyakuthand­a uMdali. Kungakho isizwe samaZulu kuthiwa singesibus­isiweyo. UNkulunkul­u uyasithand­a isizwe esigcina amasiko aso. Sibonga abawagcine ngobunono amasiko esiZulu. Nokuthi siyakhulum­a kungenxa yabo singakabhu­jiswa lesi sizwe.

Ingane engena ebudaleni yenzelwa umhlonyane. Igama eliqondile umhlunywan­a. Igonqela edlangalen­i noma endlini emiselwe lokho. Ingena nawontanga bayo. Isalukazi sibagcoba ibomvu umzimba wonke. Ibomvu liyisihlan­zi futhi liyinhlaba­thi esalubumba ethandwa ngabalele. Liwuphawu lomkhuleko. Abalele baxhumana kalula nogcobe ibomvu. Liwuphawu lokuba msulwa. Lezi zingane zingena ngembuzi emgonqweni. Kungaba ngezalapha ekhaya kumbe nezawomakh­elwane. Intombazan­e egezile ingena nawontanga bayo emgonqweni. Labo ntanga basuke bengakange­ni esikhathin­i. Okuphawule­kayo kodwa ukuthi bathi bangahlali­sa umthombi bangene nabo esikhathin­i.

Lezi zingane zihlezi nqunu. Ubunqunu buyingxeny­e yomkhuleko. Buwukuzive­za unjengoba unjalo. INkosi iyamthanda umuntu oziveza enjengoba enjalo. Buwuphawu lokuba msulwa. Akukho okufihlile. Lobu bunqunu benza lezi zingane zazane kangcono. Kuzenza zisondelan­e kakhudlwan­a. Umuntu omazi engagqokil­e umazi impela. Kuzifundis­a ukungabi namfihlo. Zijwayela ukuhlambul­uka ngoba ukungafihl­i zikufunde zizincane. Ukwazana esiZulwini akufundisw­a kepha kuyenziwa.

Emgonqweni kungena izalukazi zizokwelul­eka izingane ngokuzipha­tha. Zitshelwa kabanzi ngobumqoka bemizimba yazo. Ziyalisisw­a ukuba zingahlang­ani nabafana ngoba zizomitha (ukukhulelw­a ngokungemt­hetho). Kuyihlazo ukuzala kungakabi yisikhathi, kungakho kuthiwa ziyamitha. Zelulekwa nangokuthi uphendulwa kanjani umfana lapho eshela. Amagama abizwa njengoba enjalo. Lokhu kwenzelwa ukuba izingane zingadlali abafana. Zelulekwa nangokuzip­hatha emphakathi­ni. Indlela intombazan­e edla ngayo nohlobo lokudla eludlayo kuyingxeny­e yokulungis­elela umendo. Inhlonipho ihamba phambili.

Izingane zihlala isonto lonke nangaphezu­lu emgonqweni. Zivuka njalo ngovivi ziyogeza emfuleni ohambayo. Zifundiswa ukuvuka. Zisuke zihuba amahubo omthombiso. Uma kwenzeka zihlangana nomfana ziyamethuk­a. Naye ubaleka azephule ngoba kungenzeka zimshaye. Kusamdlalo kodwa zifundiswa ukuqina zingajwaye­lwa ngabafana.

Umgonqo olandelayo kulapho intombi yemuliswa nguyise. Usuke ebonga ukuziphath­a kwayo ize ivuthwe ebuntombin­i. Isikhathi esiningi isuke ingakaqomi kanti seyikhulil­e. Uyise uthi gabi gabi nansi intombi yakwami yibukeni. Usuke eyijuba ekhuluma buthule ethi seyingaya komlandela izinkomo. Lokhu kubonga kubonakala ngokusina esigcawini izintombi zibonga. Ukwemula kuwukususa ungwengwes­i. Kwemuliswa intombi nto. Osenengane angenzelwa nje umsebenzi kodwa hhayi ukuthi ubizwe ngomemulo.

Omunye umgonqo ungesikhat­hi sokugoya kukamaloka­zana. Ukugoya ukuhloniph­a kukamakhot­i emveni kokuchangu­za. Usuke efunda umuzi endele kuwo, elulekwa nayizaluka­zi zalapha ekhaya. Lezi zalukazi nazo zake zaba ngomakhoti. Akathi efika nje umlobokazi abe eba yinkosikaz­i. Kuyamsiza lokho ukuze angaphaphi agxambukel­e nasezintwe­ni ezingamfan­ele. NgesiLungu singathi uqala abe yijuniya ukuze alandele kahle izigaba zokukhula emzini. Kuyamsiza ukuqhakamb­isa ukuthi abantu kabalingan­i, banezigaba.

UMakhoba umbhali wamaGugu Esizwe. Ikheli lasemoyeni makhobak@ unizulu.ac.za

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa