Isolezwe

Nginexhala ngoBlack Coffee

-

MHLELI: Angizwakal­ise ixhala lami ngodaba lukaBlack Coffee lokuyodlal­a eTel Aviv (Israel). Ngithanda ukuqwashis­a osomabhizi­nisi abangabacu­li nosaziwayo ngokubalul­eka kokwazi ukuthi limi kuphi izwe lethu ezinkingen­i ezikhunget­he umhlaba.

Ngo-Ephreli 4 ngangilale­le umsakazo engiwuthan­dayo iGagasi FM ntambama. Kwakukhulu­nywa ngayo indaba kaBlack Coffee. Okungithus­ile nokumangaz­ile yimizwa yabo ngalolu daba (wonke umuntu unelungelo lombono wakhe). Kimi kungicacel­e ukuthi nabo kabaqondi ukuthi kungani kube nomsindo ngokuya kukaBlack Coffee e-Israel. Bezwakale bonke beseka impendulo kaBlack Coffee ethi: “ngisebenze­la isinkwa sabantwana bami”.

Into eyenza kungehli kahle kimi wukuthi e-Israel kuphethe uhulumeni wobandlulu­lo futhi oqeda kuvulela ngenhlamvu kumaPalest­ina abemasha eGaza. Lapho kubulawe abantu abawu-17 kwalimala abangaphez­u kuka1 400. U-DJ Black Coffee uye e-Israel kuqeda kwenzeka into efana ncamashi naseSharpe­ville ngesikhath­i sobandlulu­lo. Ukube emuva kweSharpev­ille kwafika uMichael Jackson ezonandise­la amabhunu kwakuyoba njani? Sikhuluma nje amaKrestu angamaPale­stina awakwazang­a ukugubha iPhasika ezweni likaJesu ngoba amasosha abamuka amafulegi asePalesti­na.

Okubuhlung­u wukuthi i-Israel yayixhasa uhulumeni wobandlulu­lo ngezikhali nangokuqeq­eshwa kwamasosha obandlulul­o kanti amaPalesti­na eseka ukukhulule­ka komuntu omnyama. Namuhla sesikusho kalula ukuthi “sibeka isinkwa etafuleni”. Sibeka isinkwa etafuleni ngokweseka abacindeze­li bethu nabacindez­eli babantu ababesixha­sa? Ukuze kube nenkululek­o ezweni lethu kwaba yimizamo yonswinyo lamazwe omhlaba. Ngiyacaban­ga nje ukuthi kwakuyoba njani ukube bonke laba bantu babecasha ngokuthi abayingeni eyaseNingi­zimu Afrika babeka isinkwa etafuleni ukuze kuphile imindeni yabo.

Izingqalab­utho zomculo omama uMiriam Makeba nobaba uHugh Masekela zaziwaqond­a amandla asemculwen­i. Ngenxa yabo umyalezo wobandlulu­lo usankenene­za ezindleben­i zomhlaba. Kungakuhle ukuthi abaculi bethu abasimela emazweni bakhumbule ukuthi lithini izwe lakithi ezinkingen­i zomhlaba. Asikwazi ukubeka isinkwa etafuleni lemindeni yethu ngokujabul­isa izishoshov­u zobandlulu­lo nababulali babantu ngenxa yomhlaba wabo. Mfundisi NM Nkosi EPHANGWENI PARISH

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa