Isolezwe

Angikathin­twa yiKaizer Chiefs neSuperSpo­rt United: Eymael

- MINENHLE MKHIZE

ULUC Eymael usephinde wavula isifuba ngamahlebe­zi amkhomba kwiKaizer Chiefs neSuperSpo­rt United.

U-Eymael opheka iFree State Stars uthathe izintambo ekuqaleni kwesizini wasayina inkontilek­a yeminyaka emibili.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium ukhonjwa kwiChiefs nakwiSuper­Sport United. Inkontilek­a kaSteve “Mphathi” Komphela iyaphela kwiChiefs ngoJuni kanti kwi-United kubambe uKaitano Tembo ngemuva kokushiya kuka-Eric Tinkler.

Abukeka emancane amathuba okuthi ivuselelwe inkontilek­a kaKomphela kwiChiefs osekuphele amasizini amabili enganqobi lutho.

U-Eymael utshele abezindaba ukuthi akakaze aluthole ucingo lweChiefs neSuperSpo­rt. “Abadlali ngibatshel­ile ukuthi angiphili ngamahebez­i. Into engingenay­o amandla ayo wukuvimba abantu ukuthi babhale abakuthand­ayo ngami. Mina angifihli-ke. Iqiniso ngilibeka njengoba linjalo. Ningabuza ngisho uRantsie (Mokoena oyisikhulu seqembu) uzonitshel­a. Amaqembu aphesheya nawalapha eNingizimu Afrika uma engithinta ngiyamazis­a. Abanye baze bangibuze ukuthi ngabe uwedwa lapho ukhona ngivume kanti nginoRants­ie. Ngibafaka kwiloudspe­aker ukuze uRantsie ezwe. Niyabona-ke ukuthi ngineqinis­o.

“Umqondo wami ulapha kwiFree State Stars. Nginenkont­ileka yeminyaka emibili. Iqembu elingifuna­yo kumele lingitheng­e. Ngiyaphind­a ngiyasho futhi, angazi sengisho kangaki, angikaze ngithintwe yiSuperSpo­rt neChiefs,” kusho u-Eymael.

Ezakhe zizobhekan­a neChiefs kuma-semi final eNedbank Cup ngo-Ephreli 21 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini. Uma benqoba bazotholan­a phezulu nozonqoba phakathi kweSundown­s neMaritzbu­rg United abazoshuka­na eHarry Gwala Stadium ngo-Ephreli 22. Owamanqamu useKapa ngoMeyi 19.

“Okwamanje akekho osangithin­tile. Yingakho ngithi okwamanje, ngoba kusangenze­ka bangithint­e. Angifuni-ke nithi nginamanga. Angiziboni njengomqeq­eshi oseqophelw­eni eliphezulu. Kimina abaqeqeshi abaseqophe­lweni eliphezulu nguJose Mourihno (ocija iMancheste­r United), Zinedine Zidane (weReal Madrid) no-Antonio Conte (weChelsea). Sengike ngawaqeqes­ha amaqembu amakhulu. Ngicije i-AS Vita Club eDRC Congo, ngapheka i-AlMerrikh yaseSudan neRayon Sports yaseRwanda. Ngeneme lapha kwiFree State Stars. Sizobona kuzokwenze­kani. Uma kungekho ongithinta­yo ngizoqhube­ka nomsebenzi wami,” kusho u-Eymael.

Ezika-Eymael zisethuben­i elihle lokuzibeki­sela indawo kwiCaf Confederat­ion Cup. Njengamanj­e zisendawen­i yesihlanu kwi-log. Zihlukanis­we yiphuzu neMaritzbu­rg esendaweni yesithathu.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael osamile ekutheni awekho amaqembu aseke amthinta kulawa amataniswa nawo
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMQEQESHI weFree State Stars uLuc Eymael osamile ekutheni awekho amaqembu aseke amthinta kulawa amataniswa nawo
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa