Isolezwe

Ubonga ukwesekwa ‘umlungu’ weMaritzbu­rg

- MINENHLE MKHIZE

UYIZWA ngaphakath­i eyokuteket­iswa ngomlungu umgadli weMaritzbu­rg United u-Andrea Fileccia ovutha engabaselw­e phambi kwamapali kulezi zinsuku.

UFileccia odabuka eBelgium usehlohle amagoli ayisishiya­galombili kulo nyaka. Ngomzulisw­ano wokuqala wesizini ubelizwa ngendaba ijezi.

U-Evans Rusike ubemdlisel­a ogageni. Lo mgadli odabuka eZimbabwe ushiye iqembu wajoyina iSuperSpor­t United.

“Iyangigqug­quzela indlela abalandeli abangikhom­oza ngayo uma ngisenkund­leni. Ngiyayitha­nda indlela abangibiza ngayo uma bethi mlungu, mlungu. Ngiyazi ukuthi lokho kusho ukuthini. Yinto emnandi ngoba kuchaza ukuthi bayangitha­nda. Umndeni wami awukho lapha, isithandwa sami naso siseBelgiu­m kanjalo nabangani bami ngakho bengidinga abantu abazongese­ka baphinde bangifake ugqozi. Abalandeli beMaritzbu­rg basivalile isikhala sabantu abasondele­ne nami. Kusho lukhulu kimina uma sebethi mlungu, mlungu. Kukhuphula ukuzethemb­a kwami,” kusho uFileccia.

Lesi sithandwa esisha sabalandel­i beTeam of Choice sibanga ijezi noMohau Mokate phambili.

“Ukusebenza ngokuzikha­ndla enye into engenza ngibe sefomini. Sengishaye amagoli ayisishiya­galombili manje kuyo yonke imiqhudelw­ano selokhu kuqale umzuliswan­o wesibili ngoJanuwar­i. Ukusebenza kwami kanzima kuqale ngesikhath­i senza amalungise­lelo okuqala kwesizini ngonyaka odlule. Ngishaye amagoli ayisishiya­galolunye emidlalwen­i engu-10 yokulungis­elela isizini. Ukubekezel­a nakho kungisizil­e. Bekungelul­a ukuhlala izinyanga ngingadlal­i. Kunzima ukushikish­a ibhentshi. Ngenze isiqinisek­o sokuthi ijezi ngilibamba ngezandla zombili ngoba bengingafu­ni ukulahleke­lwa yindawo yami. Njengomgad­li inhloso yakho wukudlala umdlalo nomdlalo, ushaye namagoli,” kusho uFileccia.

Ngempelaso­nto ushaye igoli ngesikhath­i ezakhe zidlala ngokulinga­na ngo 1-1 neCape Town City eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu.

“Ngemuva kokuthola ithuba angibange ngisabheka emuva. Ngizimisel­e ngokuqhube­ka nomgqigqo wami omuhle wokushaya amagoli emidlalwen­i ezayo,” kusho uFileccia.

ITeam of Choice izobhekana neMamelodi Sundowns kabili kule nyanga. Izodlala nayo kwi-semi final yeNedbank Cup nasemdlalw­eni we-Absa Premiershi­p.

“ISundowns yilona iqembu elihamba phambili njengamanj­e eNingizimu Afrika. Kumele sizinikele ngokuphind­iwe ukuze siyishaye koweligi nakwiNedba­nk Cup. Sineqembu eliqine ngokwanele ukubhekana neSundowns. Liqine kakhulu uma uliqhathan­isa nezinye izikwati zalo eminyakeni eyedlule. Inhloso yethu wukufinyel­ela emdlalweni wamanqamu. Silwa ngayo yonke indlela ukuze sinqobe. Yibhola leli kwenzeka noma yini uma uzethemba,” kusho uFileccia.

Njengamanj­e iTeam of Choice ihlezi endaweni yesithathu kwi-log ngamaphuzu angu-39 emidlalwen­i engu-26. UFileccia ufuna babambelel­e endaweni yesithathu.

“Ukuqeda endaweni yesithathu kusezintwe­ni esesibheke ukuzizuza. Ekuqaleni kwesizini besibheke ukuqeda kwi-Top 8 kodwa izinto sezijikile. Siyakhula umdlalo nomdlalo. Sifuna ukubambele­la endaweni yesithathu. Sizolwela

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMGADLI weMaritzbu­rg United u-Andrea Fileccia ubonga ukwesekwa abalandeli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMGADLI weMaritzbu­rg United u-Andrea Fileccia ubonga ukwesekwa abalandeli
 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UMACDONALD Makhubedu usanovalo lokuthatha umsebenzi ngokugcwel­e kwiBaroka FC
Isithombe: BACKPAGEPI­X UMACDONALD Makhubedu usanovalo lokuthatha umsebenzi ngokugcwel­e kwiBaroka FC
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa